EzintshaMTN8

USibisi ufuna ukuwuqala ngokuqukula iMTN8 owokuhola iPirates

IPirates izokwamukela iPolokwane City emdlalweni we-quarterfinal yeMTN8 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

“Isisekelo sibekiwe ngesikhathi sokulungiselela isizini. Sinabadlali abasha, umqeqeshi omusha, imibono emisha, namandla amasha,” kusho uSibisi ngesikhathi kwethulwa iMTN8 kuleli sonto. 

“Sengeze ikhwalithi kuzo zonke izindawo. Manje konke osekusele wukusebenza ngokuzikhandla nokuwina iMTN8 ukuze sibeke isisekelo esifanele. 

“Ukuyinqoba kathathu kulandelana kuwumuzwa ongasoze walibaleka. Manje siyifuna okwesine. 

“Sifuna ukuvikela lokho okungokwethu bese siqopha umlando (ngokuyinqoba kane kulandelana).”

USibisi uthathe ibhande lobukaputeni ku-Innocent Maela, othathe umhlalaphansi ekupheleni kwesizini edlule. Amaphini akhe nguTapelo Xoki nomdlali osemncane okhombisa ukuba nekhono elimangalisayo uMbekezeli Mbokazi.

“Kuyinto enkulu kimi ukuba ukapteni wale kilabhu. Ngakhula ngingumlandeli wePirates. Kodwa bengingakaze ngicabange ukuthi ngelinye ilanga ngizogqoka ibhande lobukatuneni,” kusho uSibisi.

Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-29 ubudala uphinde waqokwa waba yiDefender of the Season kwiBetway Premiership emiklomelweni yakamuva ye-PSL. 

Le ndondo uSibisi uyidle kade eyibanga nezinye izitobha eziphambili oGrant Kekana weMamelodi Sundowns noThabo Moloisane weStellenbosch FC.

Kodwa kuSibisi, yize ibalulekile le ndondo, okubaluleke kakhulu yimpumelelo yeqembu kunokuhlonishwa kwakhe eyedwa. 

“Kumnandi ukuthola lo mklomelo, kodwa ngabe kungcono ukube bengiwine iligi. Yilokho okubalulekile ngempela kimi — ukusebenza kweqembu.”

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO