
UShabalala uzosebenzisa akufunde kwiBafana ukusiza iChiefs
Umdlali weKaizer Chiefs, uMduduzi Shabalala, udalule ukuthi isikhathi sakhe neqembu lesizwe iBafana Bafana kwiCosafa Cup simfundise lukhulu.
Uthi ukuba seqenjini lesizwe kumfundise ukuzethemba okuyinto abeyidinga kakhulu kwaphinde kwamkhulisa njengomdlali ngaphambi kwesizini enzima abaya kuyo.
UMduduzi Shabalala ube nomkhankaso onzima neKaizer Chiefs yize benqobe iNedbank Cup futhi bangena kwiCaf Confederation Cup.
Lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala ubeyingxenye yeqembu likaVela Khumalo elifinyelele kowamanqamu kulo mqhudelwano obuseBloemfontein.
Ekhuluma nethimba labezindaba leqembu eNetherlands, uShabalala uveze izinkumbulo ezinhle ngesikhathi sakhe neqembu lesizwe.
“Ukuqokelwa eqenjini lesizwe kungenze ngazizwa ngihlonipheke kakhulu,” kusho yena.
“Kungisizile ngokuzethemba kwami, futhi imidlalo ingifundise okuningi.
“Angingabazi ukuthi lezo zifundo zizongisiza kwiCaf Confederation Cup.”
UShabalala, obengomunye wezethenjwa esadlala emaqenjini amancane esizwe, usazolwela ukungena kwiBafana enkulu kaHugo Broos.
Kodwa ukholwa ukuthi ukudlala kwiCosafa Cup kumsize ukuthi aqonde umehluko okhona ebholeni lamazwe ngamazwe.
“Amanye amazwe amaningi ase-Afrika adlala ngendlela ehlukile kithi — asebenzisa amandla kakhulu,” kuqhuba yena.
“Ngiphinde ngafunda okuningi mayelana nokubaluleka kokuqina ngokomqondo ngesikhathi sami kwiBafana.”
UMduduzi Shabalala unethemba lokuthi lokho kuqonda kuzomsiza ukuthi abe nomthelela uma iKaizer Chiefs isiqala uhambo lwayo kwiConfederation Cup ngasekupheleni kwalo nyaka.
“Engikufunde laphaya kunginike okubalulekile engizokwakhela phezu kwakho,” kwengeza uShabalala.
“Ngibheke ngabomvu ukukhombisa engikufundile futhi ngikhulise umdlalo wami nakakhulu.”
IChiefs njengamaje iseNetherlands la ilungiselela khona isizini entsha, kanti nalokhu kumele kwengeze ulwazi kubadlali abafana noShabalala.
