
Kwelulekwa uChivaviro ngolaka lwabalandeli kwiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Cishe umdlali olwazi kahle usizi lokujikelwa abalandeli beqembu lakho nguKingston Nkhatha owazakhela igama kwiKaizer Chiefs.
UNkhatha, owangemgadli kwiChiefs phakathi kuka-2012 no-2015, wayezithola eyisisulu sabalandeli njengoba wayeneshwa lokushweba amabhola abukeka elula.
Lo mgadli odabuka eZimbabwe uthi wakwazi ukumelana nalesi simo sokuhhanyezwa ngabalandeli beChiefs ngoba wayesekwa ozakwabo nomqeqeshi.
Sekuyaziwa ke ukuthi noChivaviro uyesekwa yithimba labaqeqeshi njengoba likhukhombisile lokho ngoMgqibelo esejikelwe abalandeli.
Kuphele isiwombe sokuqala somdlalo wabo neSuperSport United ePeter Mokaba Stadium esethukuthele ethelwa ngamazi uChivaviro njengoba abalandeli bebemchukuluza.
Uze wahlangatshezwa umqeqeshi uNasreddine Nabi ekupheleni kwesiwombe sokuqala, ezama ukumehlisa umoya.
Ugcine elishayile igoli kanti uNabi uthe ubexoxe naye ngekhefu, wamtshela ukuthi angalilahli ithemba ngoba usazoyibhakuzisa inethi.
Manje uNkhatha uthi uChivaviro kuzomele aqine ukuze akwazi ukubhekana futhi adlule kulesi simo abhekene naso.
“Engingakusho kuRanga wukuthi kumele ehlise umoya, angahluthukelwa yinhliziyo,” kusho uNkhatha kwiRadio 2000 ngoMsombuluko.
“Akumele abaphendule, lokho ngeke kumsize nakancane. Kumele aqonde ukuthi abalandeli banabadlali babo ababathandayo.
“Abalandeli abakuqondi ukuthi abadlali banamathalente angefani futhi abanawo amakhono afanayo,” kuqhuba uNkhatha oneminyaka engu-38.
“Mina ngagcina ngikwamukela lokho njengengxenye yempilo yasebholeni. Ngenhlanhla ngingumuntu ozimelele ngokwendalo.
“Ngikhulele ebunzimeni, lokho kwangisiza ngakwazi ukumelana nababengihhahhameza,” kuchaza yena.
Uthe ozakwabo ayedlala nabo oReneilwe Letsholonyane, uMorgan Gould noBernard Parker nomqeqeshi uStuart Baxter bamsiza kakhulu ngesikhathi ebhekene nalesi simo.
“Ngaba nenhlanhla yokuthi umqeqeshi nabanye abadlali babengeseka. Yingakho namanje sisengabangani noYeye, uMorgan noParker.”
