EzintshaMamelodi Sundowns

UMngqithi nezindaba ezithembisayo ngoThemba Zwane

Kunethemba lokuthi uThemba Zwane uzobe esebuyele ekudlaleni ibhola ezinyangeni ezine kuya kweziyisithupha ezizayo. 

Lokhu kulandela ukulimala kwakhe ngesikhathi edlala kwiBafana Bafana ibhekene neCongo emdlalweni wokuhlungela iCaf Africa Cup of Nations.

UMshishi, okuyigama aziwa ngalo uZwane ebholeni, walimala emsipheni ongenhla kwesithende kanti kudingeke ukuthi ahlinzwe ukuze ulungiswe. 

Ngemuva kokuphuma kwakhe, iBafana yadonsa kanzima ukuhlanganisa iminyakazo, yaze yagcina idlale ngokulingana kulo mdlalo yize yayilishaye kuqala igoli. 

Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi uveze ukuthi ukuhlinzwa kukaZwane kuhamnbe kahle.

“Uhlinzwe ngoLwesihlanu futhi kuhambe kahle kakhulu,” kusho uMngqithi kwabezindaba muva nje. 

“Sinethemba lokuthi ezinyangeni ezine kuya kweziyisithupa uzobe esebuyile. 

“Okusenza sibe nethemba kakhulu wukuthi ungumdlali ovele osesimweni esihle kakhulu ngokomzimba.

“Ngokujwayelekile, umdlali onjalo usheshe alulame. Futhi siyazi ungumdlali oziphethe kahle, ngakho siyazi uzolulandela ngenhlonipho uhlelo lwakhe lokwelulama.” 

UZwane ngomunye wabadlali abaphambili kuleli futhi ungumgogodla kwiSundowns kodwa ke akulindelekile ixakeke noma engekho.

Empeleni nje ngempelasonto ikwazile ukubhaxabula iGolden Arrows ngo 5-0 emdlalweni weCarling Knockout engekho. 

Iqembu elingase lithikamazeke kakhulu ngokungabi bikho kukaZwane yiyo iBafana Bafana okubhekwe ingene kwi-Afcon ezoba seMorocco ngoDisemba. 

Uma ingenile, izoyodlala kulo mqhudelwano engekho uZwane nokungase kuziphazamise kakhulu izinhlelo zikaHugo Broos. 

Khonamanjalo iSundonws ibuyela enkundleni ngoLwesithathu njengoba izobhekana neRoyal AM eLotfus Stadium emdlalweni weBetway Premiership.