
Usesheshe wavuka ngelinye iqembu uTimm ochithwe yiPirates
UMiguel Timm usesheshe walithola iqembu elisha kungakapheli nosuku ekhululwe yi-Orlando Pirates.
Imibiko iveza ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-33 ubudala uzojoyina iSekhukhune United ngokusemthethweni ngoJulayi.
Nokho konke kuncike ekutheni odokotela bathole ukuthi akukho sici kuye esingamphazamisa ekudlaleni.
UMiguel Timm uvalelise kozakwabo kwi-Orlando Pirates kuleli sonto, elungiselela ukusayina kwiBabina Noko.
ISekhukhune kuthiwa kudala ivele imhalela lo mdlali. Empeleni nje yayimfuna ngo-2022 ngaphambi kokuthi iPirates imthathe esuka kwiMarumo Gallants.
UTimm ushiya lezi ziqhwaga zaseSoweto anqobe kuzo izindebe ezinhlanu ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.
URiveiro naye useyishiyile kwiPirates kanti umenyezelwe njengomqeqeshi omusha wei-Al Ahly ngoLwesine ebusuku.
Bekunezinsolo zokuthi uTimm angase alandele uRiveiro kwi-Al Ahly, kodwa manje iSABC Sport ibika ukuthi usekhethe iSekhukhune.
Uzophinde ahlangane nomqeqeshi u-Eric Tinkler asebenze naye ngesikhathi bekwiMaritzburg United phambilini.
UMiguel Timm waba nesandla ngesizini yokuqala kaRiveiro kwi-Orlando Pirates, eyinsika yeqembu esiswini.
Kodwa-ke, umbango wezindawo kumenze wagcina eselizwa ngendaba ijezi kule sizini, yize ikilabhu kade imelulele inkontileka yakhe ekuqaleni kwesizini.
Kulokhu awuzange usetshenziswe umbandela wokuvuselela inkontileka yakhe, okumenza atholakale mahhala kusukela ngoJulayi 1.
Kukholakala ukuthi uzoba ngomunye wabadlali bokuqala kwabaningi okulindeleke basayinwe yiSekhukhune ukulungiselela isizini ka-2025/26 ezoqala ngo-Agasti.
ISekhukhune igeje kancane ekutheni iqede endaweni yesithathu kule sizini ukuze ibuyela kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
Kubhekwe ukuthi yenze kangcono ngesizini ezayo kwazise ifuna ukugcina ingelinye lamaqembu amakhulu kuleli.
