Ezintsha

Usekhonjwe indlela uMalisela, kuvela ozothatha umsebenzi

Lesi sinqumo silandela ukungahambi kahle kwemiphumela. IGallants ihlezi endaweni ka-14 kwilogi ngemuva kokunqoba kane kuphela emidlalweni engu-17.

UMalesela, osenesikhathi eside kakhulu ebholeni laseNingizimu Afrika, useqeqeshe amakilabhu amaningi okubalwa kuwo iChippa United, iTS Galaxy, neRoyal AM. 

Le nsizwa yaqala ngokudlala esigabeni esikhokhelayo emaqenjini okubalw akuwo i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

Uzakhele igama ekuqeqesheni ngesikhathi ehola iTS Galaxy inqoba iNedbank Cup ka-2019 ngokushaya iKaizer Chiefs kowamanqamu.

Waba ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba le ndebe neqembu elisuka esigabeni esingaphansi kwePremiership.

Kodwa ubelokhu enebhadi lokuxoshwa emsebenzini wokuqeqesha futhi akakaze aqede isizini eqenjini elilodwa.

Ukuxoshwa kwakhe kwiGallants kuqinisekiswe yile kilabhu ngoLwesihlanu ekuseni, okusho ukuphela kabi kwehlandla lakhe lesibili kuleli qembu eBloemfontein.

“Iqembu liyawazisa amagalelo abo futhi libafisela okuhle kodwa emizamweni yabo yesikhathi esizayo,” sifundeka isitatimende.

Okwamanje, abebengamaphini akhe, uSundra Govender noDuncan Lechesa bazokwengamela iqembu ngesikhathi kusathungathwa umqeqeshi omusha. 

Umqeqeshi odabuka eMorocco u-Abdeslam Ouaddou usefikile eNingizimu Afrika ukuzoxoxisana neGallants.

“Izingxoxo ziyaqhubeka futhi usefikile eNingizimu Afrika ukuzoziqedela,” kuqinisekisa ikilabhu.

IGallants izobheka ukuthi lo mqeqeshi alethe uzinzo futhi enze kangcono ngaphansi njengoba ilwela ukusuka ezindaweni zezembe. 

Umdlalo wokugcina kaMalesela ubebhekene neqembu ake waba ngukaputeni kulo kudala, iSundowns ebuye kade seyilandela ngemuva yamshaya ngo 3-1 ngoLwesithathu.