EzintshaKaizer ChiefsOrlando Pirates

USaleng neChiefs amanzi nowoyela, kusho ingwazi

Lona ngumbono walowo owayeyisihlabani se-Orlando Pirates, uBenedict “Tso” Vilakazi okholwa ukuthi uSaleng neChiefs amanzi nowoyela.

UMonnapule Saleng, oneminyaka engu-27 ubudala, usehlale izinyanga engadlali, kanti kuveka ukuthi kungenxa yokungaboni ngaso linye nePirates. 

Leli qembu nokho kuze kube manje alikaze likuqinisekise lokhu futhi lithule ngalolu daba – ukuthi uyahamba noma cha lo mdlali akukacaci.

Ungomunye wabadlali abadlala kahle kakhulu kuleli. Ubengalimele, nokho uhlale izinyanga eziyisithupha engadlali.

Ubuyelile ekuziqeqesheni neqembu ngasekupheleni kwesizini, kodwa noma kunjalo akazange adlaliswe. 

Umdlalo wakhe wokugcina kwiPirates ubengoDisemba 7 bedlala ne-Al Ahly kwiCaf Champions League. 

Yize enbengadlali ekilabhini, udlale kwiBafana Bafana ngoMashi emdlalweni wokuhlungela iChan eBloemfontein, futhi wenza kahle.

Manje uVilakazi useveze acabanga ukuthi ungahle kwenzeke uma egcina eye eNaturena lo mdlali oyinxele. 

“Angayidlala ngempela indlela iChiefs edlala ngayo? Angicabangi kanjalo,” kusho uVilakazi esiteshini se-YouTube i-OmniaudioAfrica.

Uqhathanise isimo angazithola ekuso uMonnapule Saleng kwiKaizer Chiefs naleso uGaston Sirino akuso manje. 

“USirino akaseyena umdlali ofanayo nalo abenguye ekwiSundowns. Akanabo abadlali abafanele eduze kwakhe,” kwengeza uVilakazi.

Uthe kwenzeka okufanayo nakuKhama Billiat noKeagan Dolly ngesikhathi beya kwiChiefs. 

Ngaphandle kokuba nabanye abadlali abaqinile ababalekelelayo, noma ngabe umdlali muhle kanjani uyahluleka ukuba nomthelela, ngokusho kukaVilakazi.

Uthi ngisho noma uMonnapule Saleng engashiya kwi-Orlando Pirates ajoyine iKaizer Chiefs, ngeke kube lula ukuthi abe nomthelela ofanayo. 

“Uzoba nomthwalo omkhulu kakhulu emahlombe akhe. Uzodinga ukwesekwa,” kuqhuba le ngwazi.

“Ngakho noma uSaleng angayodlalela iChiefs, uzothwala kanzima njengoSirino.

“Lokhu kungenxa yokuthi iChiefs ayinawo umgogodla weqembu oqine ngokwanele, okuthi uma kungena umdlali omusha kube lula.

“IChiefs iseyinhlakanhlaka kakhulu njengamanje,” kwengeza uVilakazi.