Ezintsha

Usale ekhungathekile oweCity bebanjwa yi-Orbit College

Leli qembu laseKapa lilwela ukuzihlega ekudliweni yizembe, lihlale kwiBetway Premiership.  

Lo mphumela wangoMgqibelo ujatshulelwe kakhulu yi-Orbit College eqoqe iphuzu elibalulekile ekuhambeni, okuyibeka ethubeni elihle kule midlalo. 

I-Orbit College manje isiqhwake kwilogi yamaqembu amathathu njengoba inamaphuzu amabili ngemuva kwemidlalo emibili.

‘Ukudlala ngokulingana ekhaya akwanele. Besidinga ukuthola umphumela, besidinga ukuthola amaphuzu lapha,” kusho uPeral ngemuva komdlalo.

“Kodwa nginomuzwa wokuthi kube umphumela omuhle njengoba womabili amaqembu abe namathuba afanayo. 

“Ngasohlangothini lwethu, bekungekuhle ngokwanele, besidinga okwengeziwe.

“Ngakho-ke manje sizodinga ukuhamba siyokwenza kangcono ekuhambeni, futhi siqoqe amaphuzu,” kwengeza uPeral. 

Lo mqeqeshi uphinde wavuma ukuthi nakuba bebe namathuba amahle kodwa abenzanga okwanele ikakhulukazi besekhaya. 

“Siyawakha amathuba, kodwa sidinga ukuba ngcono uma sesibheke epalini lezitha – sidinga ukuba bukhali kakhulu.

“Angazi noma sakhe amathuba anele yini. Ekhaya bekumele sibadalele izinkinga uma sesibheke ebhokisini labo. Angicabangi ukuthi sikwenzile lokho namuhla.”

ICape Town City isizodlulela eMpumalanga lapho izohlangana khona neCasric Stars emdlalweni wayo wesibili lapho izodinga khona umphumela ongcono. 

“Kungumdlalo ohlukile. Sizobe singekho ekhaya. Lawa ngamaqembu ahlukene kakhulu ngendlela adlala ngayo.

“ICasric iqonda ngqo. Yilolo hlobo lwamaqembu avamise ukusixaka,” kuqhuba uPeral. 

“Kufanele senze umsebenzi wethu wokubacwaninga futhi siqinisekise ukuthi siya kubo sinendlela yokuthola umphumela ongcono.”