Caf Champions LeagueEzintshaOrlando Pirates

Igcine iphuzu elibalulekile iPirates ‘ehlukile’ 

I-Orlando Pirates iqale umdlalo weCaf Champions League ne-Al Ahly idlala ngendlela ehlukile kweyijwayele, kukhona noshintsho kubadlali. 

Kubuye uMonnapule Saleng eqenjini eliqale umdlalo kanti uPatrick Maswanganyi ubengekho ngisho ebhentshini. 

Yize ebe nomdlalo omuhle, kodwa kubonakalile ukuthi sesisidanyana isikhathi uSaleng agcina ukudlala. 

Kube namabhola amphunyuke esebhokisini lezitha abengagcina ephelele enethini. 

Njengoba beudlalwa kushisa ngendlela exakile e-Orlando Stadium, i-Al Ahly izamile ukulwa ifuna ushipha kudliwa kule nkundla ebigcwele phama.

Phela amathikithi alo mdlalo adayiswe aphela kusasele usuku, futhi abalandeli badele ukushisa, bayigcwalisa. 

Njengoba umdlalo uphele zibambene ngo 0-0, kucazelwane amaphuzu iqembu ngalinye laphuma nelilodwa.

Lokhu kwenze balingana ngamaphuzu kwilogi kaGroup C kodwa i-Al Ahly iphezulu ngenxa yamagoli angcono.