EzintshaOrlando Pirates

URele Mofokeng uveza ‘imfihlo’ yeBucs ibhubhudla iGalaxy

Ushaye amagoli amathathu okokuqala ngqa esigabeni esikhokhelayo uRele Mofokeng i-Orlando Pirates ibhubhudla iTS Galaxy.

IPirates imangazile ishaya leli qembu laseMpumalanga ngo 6-0 emdlalweni weBetway Premiership ngeSonto ntambama. 

URele Mofokeng ushaye amathathu kulamagoli e-Orlando Pirates, futhi waqokwa njengoMdlali oVelele eMbombela Stadium. 

Amanye amagoli ashaywe oKamogelo Sebelebele, uTsepang Moremi nelibe umkhonto ogwaza ekhaya likaMlungisi Mbunjana.

Ekhuluma ngemuva komdlalo, uveze ukuthi lamagoli abe ngumphumela womsebenzi abawenze ejimini.

Uthe bebegxile kakhulu ekuphuculeni ukukhahlelela kwabo ipali kulandela ukushweba kwabo amathuba amaningi emdlalweni odlule.

IPirates beyibambane ngo 1-1 neSiwelele FC emdlalweni la yayingawina ngenqwaba yamagoli. 

“Ngizoqala ngokubonga ozakwethu, sisebenze kanzima, futhi lokhu kunqoba bekusifanele,” kusho lo mdlali.

“Besisebenza isonto lonke silungiselela lo mdlalo. Akubanga lula ukunqoba lo mdlalo kodwa sijabulela amaphuzu amathathu bese sibheka phambili.”

Ephawula ngokushaya amagoli amathathu emdlalweni owodwa, uMofokeng uthe wumuzwa okhethekile.

“Lona wumuzwa okhetheke kakhulu… Sekukudala ngingawashayi amagoli,” kusho uMofokeng.

“Sekunesikhathi ngingadlali kanje futhi ngicabanga ukuthi lokhu kuzokwenza izibalo zami zibe zinhle. 

“Kuzonginyusela nokuzethemba futhi ngizoqhubeka nokuzikhandla, ngeke ngiyekelele.” 

Ube eseveza ukuthi baqhulula inqwaba yamagoli nje yingoba abafuni okubenze ngempelasonto edlule kubaphinde.

“Besizilolonga kakhulu ekushayeni amagoli… Sizama ukuzinika isibindi sokungatatazeli phambi kwepali. 

“Besifuna kungasiphindi okwangomdlalo odlule. Basisizile njengabadlali abahlaselayo,” kuqhuba yena.

“Ngicabanga ukuthi kubonakalile ngomsebenzi owenzeke kulo mdlalo njengoba sikwazile ukusebenzisa amathuba ethu.”

Ube esevala ngomlayezo obheke kubalandeli abasale benokungabaza ngemuva komdlalo odlule.

“Kubalandeli be-Orlando Pirates, lo mphumela ngowenu, weqembu lenu” kusho uRele Mofokeng.

“Sizohlala sikwenza konke okusemandleni ukunijabulisa ngendlela enifanele. 

“Sizoqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla, nina ningayeki ukuseseka ngoba lokho kusho lukhulu kithi.”

Lo mphumela ubuyisele iPirates esicingweni seligi kodwa iphambili ngephuzu elilodwa kwiMamelodi Sundowns esenomdlalo esandleni.