EzintshaOrlando Pirates

URele Mofokeng nesethembiso kubalandeli be-Orlando Pirates

IPirates iphuthelwe yithuba elihle lokuqhwakela phezulu kwiBetway Premiership ngemuva kokubanjwa yiBabina Noko ePeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo. 

Lo mphumela ushiya leli qembu lilingana ngamaphuzu angu-29 neMamelodi Sundowns ezihola phambili, nakuba iPirates isenomdlalo ewugodlile.

Ecabanga ngokushuba kwesimo, uRele Mofokeng uvumile ukuthi bekuwusuku la inhalnhla iyinqabile i-Orlando Pirates phambi kwamapali.

“Uma kungelona usuku lwakho, kusuke kungeke kulunge lutho. Sihlulwe amathuba amaningi,” uso kanje uMofokeng. 

“Ngisho nangesikhathi ngisesebhentshini bengibona ukuthi siyawakha amathuba kodwa singawashayi amagoli. Ngivele nganomuzwa wokuthi akulona usuku lwethu.”

Lo mdlali osemncane uthe uzame ukushintsha umdlalo ngemuva kokungena, kodwa wancoma unozinti weSekhukhune ngokuvimba amabhola abo.

“Ngingene qede ngazama ukwakha amathuba amaningi, kodwa unozinti uvimbe wonke amabhola ebengiwazama.  

“Noma kunjalo, ngicabanga ukuthi senze konke okusemandleni ethu futhi umdlalo siwuqale kahle kakhulu,” kwengeza lo mdlali.

URele Mofokeng ube esenxusa abalandeli be-Orlando Pirates ukuthi bangalilathli ithemba kodwa beme ngemuva kwabo kulesi sigaba sesizini esibucayi.

“Ingxenye yesibili yesizini ibaluleke kakhulu. Sidinga kakhulu abalandeli bethu ngoba bayasikhuthaza,” kuqhuba yena.

“Sibadinga ukuthi baphume ngobuningi, futhi sikholwa ukuthi sizobenza bajabule emidlalweni ezayo.”

Emdlalweni olandelayo ngoMgqibelo, iPirates izobheka ukuthi iqoqe amaphuzu aphelele ngokushaya iMagesi FC ekhaya e-Orlando Stadium.

Okunye ukudlala ngokulingana, noma ukuhlulwa, kungavulela iSundowns intuba yokuvula igebe kwilogi.