
Usefunwa eNaturena owaMaZulu ‘enqabe naye kwiBucs’
- Intatheli yeLISENETHINI
Imizamo yeKaizer Chiefs yokuthola uFawaz Basadien weStellenbosch FC kubikwa ukuthi isifike kwangqingetshe.
Manje leli qembu laseNaturena selijikele kumdlali wasemuva waMaZulu uRiaan Hanamub.
IChiefs bese kunesikhathi ilandelela uBasadien ongumdlali weBafana Bafana.
Kodwa-ke, iStellies abakhombisanga inhloso yokuvuma ukuthengiselana ngalo mdlali, ngokubika kweSABC Sport.
Yingakho ke iChiefs manje seyigaqele leli nxele laseNamibia elinguHanamub.
Lezi zinkunzi zaseSoweto zikholwa ukuthi zisethubeni elihle lokuthola lo mdlali wasemuva kuMaZulu.
Angithi phela kubikwa ukuthi uHanamub usonyakeni wokugcina wenkontileka yakhe naleli qembu laseThekwini.
Akukhona okokuqala uHanamub eheha ikilabhu yaseGauteng; I-Orlando Pirates ike yakhombisa intshisekelo phambilini.
Kodwa umengameli waMaZulu, uSandile Zungu, wayichitha leyo mibiko ngonyaka odlule.
UHanamub ujoyine AmaZulu ngoJulayi 2022 esuka kwiChippa United, lapho ebengumdlali ovelele.
Uqhubekile nefomu yakhe enhle kuMaZulu naseqenjini lesizwe laseNamibia, iBrave Warriors.
OLUNYE UDABA: Lihlehliswe yintengo elase-Algeria kowePirates
IChiefs ibisizame kaningi ukusayinisa iBasadien, kodwa iStellies ilokhu ishaya phansi ngonyawo.
