
UNgubo ushawode umqeqeshi ofune umshana wakhe ucansi
Owayengumgadli we-Orlando Pirates, uSiyanda Ngubo usembule izinqe umqeqeshi othembisa abadlali abasebancane ukubafaka ebholeni elikhokhelayo bese bemkhokhela ngocansi.
USiyanda Ngubo okumanje udlala e-India uthi wabona iqembu eliqeqeshwa yilo mqeqeshi (amgagule ngegama), wahlabeka umxhwele.
Wabe esenxenxa umshana wakhe ukuthi alijoyine ngoba ebona esokhuliseka kahle ebholeni ngendlela efanele.
Kodwa wethuke kwaphela nasozwaneni lapho ethola ukuthi umqeqeshi mbumbulu lona ubenunusela umshana wakhe ngempumelelo ebholeni, uma nje ezovuma ukulala naye.
“Ngiphoxeke kakhulu ngalo mqeqeshi (emgagula ngegama) weqembu laseMalukazi.
“Ngikhumbula ngibuka umdlalo wabo okokuqala, indlela abadlala kahle ngayo yangichaza nakuba behlulwa kowamanqamu.
“Ngabe sengikhuthaza umshana wami ukuthi ayodlala khona ukuze afunde ibhola langempela njengoba mina ngingekho eduze.
“Kodwa bengingazi ukuthi ngimthumela kumqeqeshi olala nabafana abancane,” kubhala uSiyanda Ngubo kuFacebook.
Ube esefaka izithombe eziwubufakazi bengxoxo phakathi kwalo mqeqeshi nomshana wakhe.
Lo mqeqeshi ubebuza ukuthi umfana uzomkhokhela ngani uma emtholela ikilabhu ezigabeni ezikhokhelwayo.
Kuthe uma lo mfana ethi umqeqeshi kumele akhulume nabazali bayo ngoba yibona abazokhokha leyo mali, umqeqeshi waphakamisa ukuthi avume ukulala naye.
Lo mfana – obeneminyaka engu-15 ngaleso sikhathi – wenqabile wabe esebikela uNgubo nabazali bakhe ukuthi umqeqeshi ufuna ukumgila lo mhlola.
“Ngifuna ukuthatha leli thuba ngiveze amahlazo akho obala ukuze abantu bawazi,” kwengeza uNgubo.
“Kulokhu uzame kumfana ongafanele. Yeka ukuthembisa abafana abancane ukuthi uzobayisa emaqenjini amakhulu kuphela uma bevuma ukulala nawe.
“Yeka ukuphoxa abanye abaqeqeshi abasebenza kanzima emiphakathini ngoba ngiyazi ukuthi abafani nawe.
“Futhi yeka ukutshela abafana amanga ukuthi izikole zaseJozi ezabaqeqeshi abalala nabadlali ukuze baphumelele.
“Kunzima manje kumshana wami ngoba umlimazile ngokomqondo…
“Cabanga nje uneminyaka engu-15 futhi manje akasafuni ukudlala noma ukwethemba noma yimuphi umqeqeshi ngenxa yalokho owakusho kuye.”
UNgubo ube esenxusa abadlali abasebancane ukuthi baqaphe bangabi yizisulu zabaqeqeshi abanonya ngethemba lokufeza amaphupho abo ebhola.
