
UNduli uveza okumphoxe kakhulu ngokuhlulwa kwePirates
Ubona behlulwa yinto eyodwa njalo uSipho Nduli ongomunye wabadlali abasha kwi-Orlando Pirates.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto ziyivule kabi iBetway Premiership zihlulwa yiSekhukhune United ngo 1-0 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Nokho okuphoxe kakhulu uNduli akukhona nje ukuthi bahluliwe – kodwa yindlela okwenzekengayo.
Ukhala kakhulu ngegoli elibadlile elingene ekuqaleni kwesiwombe sesibili, balihubha kwaze kwashona ilanga bengakwazi ukuthola elokulinganisa.
“Ngicabanga ukuthi umdlalo siwuqale ngegiya eliphansi, kodwa sazama ukuthi sakhe amathuba okushaya amagoli – noma singakwazanga ukwakha anele,” kusho uNduli.
“Kodwa… Sizamile ukulawula umdlalo, ngicabanga ukuthi esiwombeni sokuqala bekumele senze okungaphezulu kwalokhu esikwenzile.”
UNduli uvume nokuthi baphinde badliwa ngenxa yebhola ebelibekwe phansi, okuyinto abagxila kakhulu ekubhekaneni nayo ejimini.
“Amabhola abekwe phansi ngicabanga ukuthi aseyinkinga. Iyona abashaye ngayo igoli ekubeni ejimini sisebenze kakhulu ngayo.
“Ngicabanga ukuthi silahlekelwe wukugxila emdlalweni nje kwesikhashana, iyonato esilimaze kakhulu.
“Okudumazayo wukuthi yinto ebesigxile kuyo ejimini kodwa yiyonanto ephinde yasilimaza kakhulu emdlalweni.”
Yize behluliwe, uNduli uveze ukubonga kubalandeli ngokuthi bebephume ngobuningi ukuzobeseka, bebafaka umfutho kwaze kwaba kuphela umdlalo.
Nangemuva komdlalo abalandeli bahlalile, bakhombisa ukuleseka iqembu yize abanye bebechiphiza izinyembezi ngenxa yokuphoxeka.
“Ngijabule kakhulu ngabalandeli. Basiseke kakhulu. Baphume ngobuningi ukuza enkundleni, basifaka umfutho.
“Yize sihluliwe, singakwazanga ukubanika amaphuzu amathathu namuhla, kodwa bona basakhombisa ukusithanda.
“Bayakhombisa ukuthi basasethemba ukuthi kusekuningi esingakwenza,” kuchaza uNduli.
FUNDA NALA | UDEDELE INHLAMBA OWECHIPPA BEBAMBANA NEDOWNS
Abalandeli bebecula le ngoma ethi, ‘Asisoze saphela amandla’ beshayela nabadlali izandla ngesikhathi bezobabonga.
IPirates izobheka ukuthola umphumela ongcono emdlalweni olandelayo ngoLwesibili uma seyibhekene neMarumo Gallants.
Lo mdlalo uzoba seSeisa Ramabodu Stadium ngoLwesibili kanti uzoqala ngo-7.30 ebusuku.
