
UNasreddine Nabi nenkulumo eshaqisayo bebambana neChippa
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNareddine Nabi uphawule ngendlela eshaqisayo ngemuva kokuthi iqembu lakhe libambane neChippa United.
Lo mdlalo weBetway premiership obuseNelson Mandela Bay Stadium uphele zibambene ngo 0-0.
IChippa United idlale ngegiya eliphezulu futhi uNabi ubone kuyiyo ebingafanekela ukunqoba.
“Bekuwumdlalo onzima, futhi uma sikhuluma iqiniso besingakufanele ukunqoba kulo mdlalo.
“Ukuze uwine umdlalo kufanele ulungele izinselelo, futhi ube ufike kuqala ebholeni.
“Ngicabanga ukuthi besingakakulungeli ngokwengqondo ukudlala lo mdlalo,” kusho uNasreddine Nabi ngemuva komdlalo.
“Ukuze uwine umdlalo ofana nalona kufanele ulungele ukulwa, ufake amandla angaphezu kuka-100%.”
Lo mqeqeshi waseTunisia uthe phezu kwamathuba ambalwa abawakhile, ubona sengathi bebevele bengakufanele ukunqoba lo mdlalo.
“Noma ngabe silishayile igoli ngamathuba esiwatholile, bekungasifanele ukunqoba lo mdlalo.
“Besingenawo umoya namuhla. Ukube ngiwinile bekuzobe kungalungile. Sidinga umqondo ongcono.
“Namuhla iqembu lonke belingekho emoyeni ofanele futhi bekungekona ukusebenza okuvamile,” kwengeza uNabi.
UNasreddine Nabi uthe ukunqoba kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup behlula iMamelodi Sundowns kuthathe lukhulu eqenjini lakhe futhi bahlulekile ukwakhela phezu kwakho.
“Besazi ukuthi ngemuva kokunqoba owandulela owamanqamu sidlala neSundowns kuzoba nzima ukulungiselela iqembu ngokwengqondo.
“Bekunzima ukugcina ukuzinikela, besingadlali sodwa futhi ngokweqiniso iChippa yiyona ebifanelwe ukuwina namuhla.
“Beyingcono kunathi. Umdlalo webhola uwunqoba ngekhono nangengqondo.
“Uma ungakulungele ngokwengqondo, awukwazi ukunqoba umdlalo.”
