EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uvula isifuba ngoCastillo owehlelwe yizinga

Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, uvumile ukuthi omunye wabadlali bakhe obekubhekwe okuhle kuye, u-Edson Castillo akumhambeli kahle. 

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala uqale kahle ngemuva kokujoyina iChiefs esuka kwiMonagas SC ngesizini edlule. 

Kodwa ngokuhamba kwesizini wehla, yaphela nejezi eselithola amacozucozu. 

Ikusasa lakhe belingacaci, kuthiwa angase adedelwe ngaphambi kokufika kukaNabi, kodwa wagcinwa.

UCastillo ungene esuka ebhentshini emidlalweni emibili yokuqala yeligi waqala okokuqala bebhekene neSundowns. 

Nakhona akazange adlale ngendlela efanele yize kunguye ozame kaningana ukuthola igoli.

UNabi uphawule ukuthi ukuzethemba kukaCastillo kube nomthelela ekwehleni kwezinga lakhe lokudlala. 

Uveze ukuthi uCastillo akakabuyeli efomini yakhe kusukela bebuye ekhempini yokulungiselela isizini.

“UCastillo ngesizini edlule uqale kahle, kodwa wehla (ngokuhamba kwemidlalo).

“Lokho kuvela ezibalweni zakhe, mhlawumbe leso simo sibe nomthelela,” kusho uNabi. 

Ugcizelele isidingo sokuthi uCastillo athuthuke. Lo mdlali waseVenezuela useshaye amagoli amahlanu emidlalweni engu-35 kuleli qembu.

“Selokhu siqalile, kusukela silungiselela isizini, uCastillo wangempela akakabuyi.

“Uyindoda elungile, uyindoda emnene, ngiyamhlonipha. Ngimsiza ukuthi aphinde azethembe, siyacathulisana. 

“Ngicabanga ukuthi (sibhekene neSundowns) ubengcono kunasemdlalweni wakhe odlule. Ngimnike ithuba.

“Kodwa awekho amathuba amaningi engizomnikeza wona ngenxa yomthwalo weqembu.

“Ngicabanga ukuthi unguchwepheshe, uma ethola ukuzethemba kwakhe, uzothuthuka.”