
UNabi useveze isifiso esikhulu ngeKaizer Chiefs
Umqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi useveze isifiso sakhe esikhulu ngaleli qembu ngemuva kokudlulela emzuliswaneni olandelayo kwiNedbank Cup.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia uthi ufisa ukubuyisela leliqembu emiqhudelwaneni yeCaf, ikakhulukazi iConfederation Cup.
Amakhosi sekusele anqobe imidlalo emabili nje kuphela ukuthi athole athole indebe ekade yalindelwa, nethikithi lokuyodlala ezwenikazi.
- SILANDELE KU-FACEBOOK | Cofa la, Lisenethini.co.za
IKaizer Chiefs ihlule iStellenbosch FC ngo 3-1 ngendlela esuse umsindo emzuliswaneni odlule walo mqhudelwano emdlalweni obiseNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
Ukunqoba iNedbank Cup kungaqinisekisa ukungena kwayo kwiConfederation Cup ngesizini ezayo.
Omunye umzila wokungena kulo mqhudelwano kungaba wukuqeda endaweni yesithathu kwiBetway Premiership.
Nokho lona awubukeki ulula njengoba njengamanje iKaizer Chiefs ihlezi endaweni yesishiyagalombili.
“Kuyiqiniso ukuthi kusele imidlalo emibili ukuze sibe nendebe, kodwa esigxile kuwo njengamanje owandulela owamanqamu.
“Uma singawunqobi lowo, ngeke sikwazi ukufinyelela kowamanqamu,” kusho uNabi.
Ubekhuluma engakalazi iqembu azobhekana nalo kulo mzuliswano oshubile nozokhipha amabili okuyophuma kuwo umpetha.
“Isifiso sikhona, kodwa sizobhekana nomdlalo ngamunye. Ikilabhu efana neKaizer Chiefs kumele idlale emiqhudelwaneni yeCaf.”
IChiefs ihambe phambili ngegoli lika-Inacio Miguel ngesiwombe sokuqala. IStellies ilinganise sekusele isikhathi esincane umdlalouphele ngo-Andre de Jong.
Nokho amagoli angene esikhathini esengeziwe eshaywa oPule Mmodi noMfundo Vilakazi aqinisekise indawo yeChiefs kweyandulela owamanqamu.
Iqembu elizonqoba iNedbank Cup liyohlomula u-R7 million. IChiefs inethemba lokuthi izoyiphakamisa le ndebe ibuyele ebholeni lamazwe ngamazwe.
“Ngemuva kokushaya igoli, sehlise izinga, zagxisha emuva. Uma ubhekene namaqembu aqinile, awukwazi ukulawula umdlalo imizuzu engu-90.
“Imbangi ibe seyenza noma yini ukubuyela emdlalweni,” kuvuma uNabi.
- FUNDA NALA | Kuqhathwe eyamagqubu yodwa kwiNedbank Cup
“Besikahka ibhola ngokushesha okukhulu, okwenze kwaba nzima ukulawula umdlalo. Kodwa sivale kahle emuva futhi salwa.
“Bekuwumdlalo onzima, ogcwele imizwa nokushintshashintsha komfutho. Siyajabula ukuqhubekela phambili.”
IChiefs izodlala nozonqoba phakathi kweMamelodi Sundowns neSekhukhune kowandulela owamanqamu kodwa izinsuku nezikhathi zisazoqinisekiswa yiPSL.
- ZITHOLE ZISHISA | Cofa la, ujoyine iWhatsApp Group yethu
