
UNabi uphawula ngo-Ox ‘ophelelwe yindawo’ kwiChiefs
- Sibongiseni GUMBI
Kube nezinkulumo eziningi ngomqeqeshi omusha weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ngokuthi kungenzeka adedele abanye babadlali.
Elinye lamagama abevame ukukhulunywa ngalo kulokhu nguSibongiseni “Ox” Mthethwa.
UMthethwa ujoyine iChiefs ngesizini edlule enethemba elikhulu ngemuva kokugqama kwiStellenbosch FC.
Kodwa bekunamahlebezi aqinile okuthi uzodedelwa, mhlawumbe abolekiswe, ngemuva kwesizini eyodwa eNaturana.
Lokhu kuqagela kushaqise abaningi, uma kubhekwa umthelela awenzile maphakathi nenkundla eqenjini lakhe lakudala.
Nokho njengoba selivaliwe iwindi lokudayiselana ngabadlali, uMthethwa usahleli kuMakhosi.
UNabi, ekhuluma ngemuva komdlalo wezakhe naMaZulu kuleli sonto, ucacisile ngalo mdlali.
Ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala useyingxenye ebalulekile yeqembu lakhe.
“Sinabadlali abangu-32, futhi ngiyabahlonipha bonke,” kusho uNabi.
“UMthethwa unendlela yakhe ehlukile futhi enhle, futhi mhlawumbe angawuqala umdlalo uma sesibhekene neSundowns.”
Amazwi azonkeneneza kamnandi ezindlebeni zikaMthethwa njengoba esebenza kanzima ukuze azinze kwiChiefs.
Lo mdlali wasesiswini ukhombise amazwibela ngethalente lakhe futhi uzolangazelela ukukhombisa ukubaluleka kwakhe emdlalweni ozayo neSundowns.
Lo mdlalo wabo neSundowns uyisivivinyo esikhulu kwiChiefs, kanti uNabi uyakwazi lokho.
Uvumile ukuthi isikhathi sokulungiselela lo mdlali sincane, kodwa usanethemba.
“Bengingathanda ukuba nesikhathi esengeziwe sokulungiselela iqembu ngobuchule ngoba indlela yokudlala ihlukile kweyaMaZulu,” kuchaza uNabi.
Naphezu kwezinselelo, uNabi uyalethemba iqembu lakhe.
“Sizoyinikeza umzamo ongu-200%. SiyiKaizer Chiefs,” kuchaza lo mqeqeshi.
“ISundowns ingelinye lamaqembu amakhulu ezwenikazi. Siyayihlonipha. Kodwa sidlala ekhaya.”
UMthethwa angase anikezwe ithuba lokuqala umdlalo, futhi leli kungaba yithuba okungamele alibambe angabe esalidedela.
