Bafana BafanaEzintsha

UBroos usola iDowns ‘ewumadlisa’ olimaza iBafana

Ukholwa ukuthi lokhu kuzogcina kwenza umsebenzi wakhe ube nzima kakhulu.

Ewindini lokudayisenala ngabadlali lakamuva, iSundowns isayinise uJayden Adams, uKeanu Cupido, noLucas Suarez.

Idedele uLesiba Nku, uRushine de Reuck, uLebohang Maboe, noThembinkosi Lorch. UMaboe noLorch babolekisiwe.

UBroos useke wakhuluma phambilini neSundowns ngabadlali beqembu lesizwe abangalitholi ijezi.

Ukhathazekile ngokuthi abadlali abamqoka beBafana abadlali ngokwanele ezingeni lekilabhu.

Ehlezi nabezindaba ngoLwesine, ubuzwe ukuthi uke wakhuluma yini nomqeqeshi omusha weSundowns. 

UBroos uthe ukhathazekile ngokusayina kwaleli qembu inqwaba yabadlali nokuthi kukuphazamisa kanjani ukuqokwa kwabi eqenjini lesizwe.

“Kufanele ngicabange ukuthi ngizokusho kanjani lokhu ngoba kubucayi,” kusho lo mqeqeshi.

“Kodwa ngiyaqonda ukuthi iSundowns ifuna abadlali abahamba phambili futhi ngiyaqonda ukuthi iyabathenga ngoba inemali. 

“Inemali eningi, kodwa ekugcineni izokwenzani ngabo bonke labo badlali?

“Ngibona u-Adams manje, kulungile, sizobona. KwiStellenbosch udlale yonke imidlalo futhi ngiyazi ukuthi iSundowns idlala imidlalo eminingi…

“Idlala iChampions League neNedbank Cup kanye neligi. Futhi udinga abadlali abangaphezu kuka-20 kodwa uma ngiqinisile cishe banabadlali abangu-38 noma ngaphezulu…”

Uthe naglokhu akaqondile ukukhomba iSundowns ngenjumbane ngokuthi ithikameza izinto zakhe.

“Angiyigxeki iSundowns, ngibheka ngendlela engokoqobo, izokwenzani ngabo bonke labo badlali? 

“Futhi bangabadlali bamaqembu esizwe, akufani nje, ukwenza isibonelo noTashreeq Matthews, akadlali yonke imidlalo kodwa akekho eqenjini lesizwe.

“Kodwa kwiSundowns kunabadlali beqembu lesizwe abangadlali njalo kumanje.

“Futhi kimina lokho akuwona umuzwa ojabulisayo ngoba akufanele ushintshe umdlali ngoba engadlali, hhayi ngoba engakulungele.

“Kulungile, lowo umgomo weSundowns, akukhona okwami ukugxeka ukuthi kufanele ngikuhloniphe lokho kodwa ngezinye izikhathi akulula.”