
UNabi ucebisa iPSL ngokuvala ihlazo eliyisibekele
- Sibongiseni GUMBI
Kuyihlazo ukuthi iligi enkulu njengeyePremier Soccer League (PSL), iBetway Premiership isakhungethwe yizinkinga zamaphutha amabi onompempe.
Lona ngumbono womqeqeshi weKaizer Chiefs osenxenxe iziphathimandla zebhola kuleli ukuthi zisheshise ukulethwa kohlelo lokuzisa onompempe, iVideo Assistant Referee (VAR).
UNabi ukusho lokhu ngesikhathi ekhala ngathe amaphutha onompempe acishe abaqhatha nenduku bebhekene neMagesi FC ngoLwesithathu ebusuku.
IChiefs ibuye kade sekubonakala kuphelile ngayo, ilandela emuva ngo 2-0 kusele ngaphezu kancane kwemizuzu enu-15.
Nokho amagoli amabili asheshayo Mduduzi Shabalala aqinisekise ukuthi okungenani iphuma nephuzu ePeter Mokaba Stadium, umdlalo uphele ngo 2-2.
“Kuyaphoxa kakhulu lokhu, kodwa kumele sikhulume ngendlela onompempe abaphatha ngayo imidlalo,” kusho uNabi ngemuva komdlalo.
“Sicabanga ukuthi sesifike cishe saze sadlula isikhathi sokuthi kube neVAR kule ligi enhle kangaka.”
Ukhale ngephenathi athi bancishwe yona kade uWandile Duba ewiswe ebhokisini umdlalo usuyophela.
Nokho kulesi sigameko unyawo lonwabu kumabonakude lukhombisile ukuthi uDuba akazange athintwe, ubezama ukuthenga amehlo kanompempe.
Ukhale nangegoli lesibili leMagesi athi liqhamuke ngebhola ebelibekwe phansi obekumele ngabe livune bona, hhayi imbangi yabo.
Uthe lapha bekudlaliswe kabi uHappy Mashiane ngaphandle kancane nje kwebhokisi labo, kodwa unompempe wabekela iMagesi i-free kick evalelwe enethini ngu-Edmore Chirambandare.
“I-PSL kumele yenze okuthile ngoba sikholwa wukuthi wonke umuntu uzozibonela okwenzeke kuDuba…,” kuqhuba uNabi.
“Negoli labo lesibili balishaye kade kuyibhola elibekwe phansi (free kick) obekumele ngabe kube ngelethu kodwa lanikwa bona, bashaya igoli lesibili.
“Asifuni ukufaka ingcindezi kubantu abathile, siyazi onompempe nabo bangabantu futhi bayawenza amaphutha.
“Kodwa sinxusa izikhulu zeligi ukuthi zilethe iVAR ukusiza onompempe ngoba sizibona silimala kuyo yonke imidlalo,” kusho lo mqeqeshi.
Indaba yamaphutha onompempe isifana nenyama ephekwa ngomhluzu wenye kwiPSL njengoba cishe umdlalo nomdlalo kuba khona okukhalwa ngakho.
