EzintshaKaizer Chiefs

UShabalala uyithule seyiphanyekiwe iChiefs

UMduduzi Shabalala ubelokhu ekuveza kancane kancane ukuthi angaba ngumdlali oqavile kwiKaizer Chiefs.

Lo mdlali oneminyaka engu-20 kufanele ukuthi ukuqedile ukumngabaza obekukhona ngesikhathi ehlenga iChiefs sekukubi ngoLwesithathu. 

Bese kubukeka iChiefs izongena ehlazweni elisanda kwehlela omakhelwane bayo baseSoweto i-Orlando Pirates lokushaywa womakoti beligi enkulu iMagesi FC. 

Bekusele ngaphansi kwemizuzu engu-15, iMagesi isihamba phambili ngo 2-0, sekunendumalo ePeter Mokaba Stadium ngesikhathi uShabalala ejika izinto. 

IMagesi beyihambe phambili ngegoli likaWonderboy Makhubu alishaye ngomzuzu wesithupha umdlalo uqalile. 

Ikwazile ukulivikela leli goli kwaze kwayiwa ekhefini yize iChiefs bekuyiyo ephethe umdlalo, kubhoke uShabalala noMfundo Vilakazi. 

Kuthe sekusele imizuzu engaphezu kancane kwengu-15, u-Edmore Chirambandare washaya elesibili, elenze kwabukeka kuzoqansa kwiChiefs. 

Kodwa akuphelanga sikhathi esitheni, uShabalala wayibuyisela emdlalweni ngegoli elihle alishaye ephansi kwepali ngomzuzu ka-77. 

Lithe lisuka, iChiefs yalidla ibhola, yahalasela, laphelela phambi kukaShabalala odedele udalimede weshodi, wezwa ngenhlokomo yabalandeli u-ELvis Chipezeze ukuthi selisenethini. 

Lamagoli akhe aqinisekise ukuthi umdlalo uphela zibambene futhi iChiefs iphuma nephuzu elibalulekile lasekuhambeni. 

Nendlela edlale ngayo izokukhulisa ukuzethemba ikakhulukazi njengoba inomdlalo othanda ukuqansa ngempelasonto.

IChiefs izobhekana neMamelodi Sundowns emdlalweni weCarling Knockout eFNB Stadium ngoMgqibelo.