
Umzuzu omnyama’ iCT Spurs idliwa yizembe
Ukushabalala kweCape Town Spurs kuwukuvalwa kwesahluko esibalulekile ebholeni elikhokhelayo eNingizimu Afrika.
Futhi ngokusho kwephini lomqeqeshi kwiCape Town Spurs uMorne Nel yisikhathi esibuhlungu kule kilabhu yodumo.
ISpurs, ebiyaziwa nge-Ajax Cape Town kwaze kwaba yiminyaka embalwa edlule, idliwe yizembe kwiMotsepe Foundation Championship ngeSonto.
Lokhu kwenzeke ngemuva kokuthi behlulwe okuka-11 kule sizini. Ihlulwe ngo 1-0 yiDurban City emdlalweni wayo wokugcina ngeSonto.
“Okokuqala, sihalalisela iDurban City – kuzomele silinde ukuthi sizwe ukuthi ikodimi eliqondisa ubugwegwe lePSL lithini ngoLwesibili,” kusho uNel.
Ubekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo kulandela ukuthi u-Ernst Middendorp evele wacasuka wabe esechiza.
“Lo mdlalo ukhombise kahle ukuthi le sizini beyinjani kithi. Sibe nomdlalo omuhle nanamuhla.
“Sakhe amathuba amaningi. Uma sibheka izibalo nje, sibe namathuba okungenani amane amakhulu futhi ebesidlala nabo babe nelilodwa.”
UNel uthe imiphumela yemidlalo yalesi sigaba inganqunywa ngephutha elilodwa nje eliwubuwula.
“Le ligi inesilinganiso samagoli amabili noma amathathu ngomdlalo ngamunye – noma eduze kwalapho – uma wenza iphutha uyajeziswa.
“Bese kuba nzima ukubuya kungakhathaliseki inani lamathuba owakhayo.
“Kodwa ibhola linjalo – igoli elilodwa linganquma umdlalo. Sibe nalesi simo esifanayo isizini yonke…
“Besakha amathuba amaningi kodwa bese kuthi iphutha elilodwa elibhedayo, kungaba elomdlali oyedwa noma eleqembu lonke, lisihlinzela ezibini.”
Uthe amaphutha abo amaningi abevela ngoba bayiqembu elikholelwa ekusebenziseni abadlali abasebancane.
“Lokhu kwenzeka ikakhulukazi ngenani labadlali abancane esinabo,” kuqhuba uNel.
“Anginaso isiqiniseko sesilinganiso seminyaka yabadlali esidlale ngabo namuhla, kodwa iningi labo lineminyaka engu-17 noma 18 ubudala.
“Lokho kuhle eqenjini lethu, kodwa ekugcineni lona ngumzuzu onzima ekilabhini,” kwengeza uNel.
