
UMshini usekulungele ukugayela iChiefs amaphuzu
UNkosingiphile “Mshini” Ngcobo usekulungele ukulwela iKaizer Chiefs kule sizini entsha.
IKaizer Chiefs iqala umkhankaso wayo weBetway Premiership ka-2025/26 ibhekene neStellenbosch FC e-Athlone Stadium ngeSonto.
Umdlalo uqala ngo-5.30 ntambama. Futhi lo mdlali wasesiswini omfishanyane uthi ukuzethemba kuphezulu ngemuva kokuzilungiselela okuqinile ngaphambi kwesizini.
“Iligi iyaqala futhi sigxile kuyo manje. Amandla ethu aphezulu. Siyazethemba, kodwa hhayi ngokweqile.
“Sifuna ukubamba umgqigqi zisuka sihambe nawo isizini yonke,” uMshini utshele iwebhusayithi yeqembu.
Ikhempu yeChiefs eNetherlands ishintshe izinto, ngokusho kukaNgcobo oneminyaka engu-25 ubudala.
Babhekane namakilabhu amathathu asezingeni eliphezulu akuleliya zwe, balungisa ubuthakathaka futhi baqinisa lapho bebahle khona.
“Sifunde okuningi laphaya. Sikwazile ukulungisa izinto futhi saqhubeka nokuthuthuka lapho sesibuye ekhaya.
“Sisebenze kanzima futhi sifuna ukubamba umgqigqo kusuka emdlalweni wokuqala,” kuqhuba uNgcobo.
Ukunqoba iNedbank Cup ngesizini edlule kuqede isomiso sezindebe ebese sithathe iminyaka eyishumi.
Kuphinde kwatholela iChiefs indawo kwiCaf Confederation Cup. “Lokho kunqoba kusigqugquzele kakhulu,” kusho uNgcobo.
“Manje sesifuna impumelelo eyengeziwe. Sigqugquzelekile ukuthi senze konke okusemandleni ethu kuyo yonke imiqhudelwano.”
UNgcobo uyazi ukuthi iStellenbosch ngeke ivele ilale phansi ibavumele bazenzele umathanda kuyo, kodwa uthi sebeyilungele impi.
“Bayiqembu elinzima imepla, kodwa sibazi kahle. Kufanele sibavimbe kulokho abamandla kukho, bese sisebenzise awethu amandla ukubalimaza. Sinohlelo futhi sifuna ukunqoba.”
UNgcobo akayithengi inkulumo yokuthi iStellies inomgqigqo ongcono njengoba seyike yadlala yona kwiMTN8.
FUNDA NALA | UNDULI UKHALA NGOKUSHAYWA INDUKU EYODWA KWEPIRATES
“Sibe nemidlalo eqinile yokulungiselela isizini. Sikulungele ngokuphelele manje ukudlala.”
Lo mdlali wasesiswini uphinde wancoma umthelela wabadlali abasha abasayiniwe yiqembu njengoba kuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali.
“Bafike bengenza ikhwalithi. Sibenze bazizwa besekhaya. Sikulungele ukusebenza ndawonye nabo ukuze sisizane sinqobe imidlalo.”
