
OweChiefs unxenxa uShalulile ukuthi amjoyine eNaturena
Sekuvele ukuthi uPeter Shalulile angase aphelele kwiKaizer Chiefs njengoba ikusasa lakhe kwiMamelodi Sundowns libukeka lifiphele nje.
ILisenethini ithole ukuthi umdlali weKaizer Chiefs, uGaston Sirino owayenguzakwabo kwiSundowns nguye oweshela lo mgadli ukuthi amjoyine eNaturena.
UShalulile kukholakala ukuthi usonyakeni wakhe wokugcina kwinkontileka yakhe kwiSundonws futhi angakwazi ukusayina isivumelwano nelinye iqembu ngoJanuwari.
Isimo salo mgadli kwiSundowns asisihle neze njengoba ijezi eselizwa ngendaba nje ngaphansi komqeqeshi uMiguel Cardoso.
UShalulile ubengomunye wezethenjwa zeSundowns ngaphansi kwabaqeqeshi bangaphambilini oPitso Mosimane, uRulani Mokwena noManqoba Mgqithi.
Kuzokhumbuleka ukuthi bekunamahemuhemu okuthi uyashiya kwiSundowns njengoba kade kuthiwa kuneqembu laseTunisia elimfunayo kodwa ugcine engahambanga.
UShalulile ubanga ijezi no-Iqraam Rayners, Arthur Sales noLebo Mothiba njengamanje kanti lo mgadli waseNamibia kuphele isizini edlule esehlelwe yifomu.
Lokhu kube nomthelela omkhulu naseqenjini lesizwe langakubo eNamibia njengoba ekhombise ukuba buthuntu nakulo emidlalweni yokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
Emdlalweni owodwa asawudlalile kule sizini, usekwazile ukushaya igoli elenze wephula irekhodi leminyakanyaka elaqoshwa nguSiyabonga Nomvete lamagoli angu-129.
FUNDA NALA | UNkota ubingelele ngegoli eSaudi
Kubhekwe ukuthi aqophe elisha kule sizini kanti naye useke wakuveza ukuthi uzibekele ukwephula nelikaCollins Mbesuma lamagoli angu-25 ngesizini eyodwa.
Nokho kubukeka kuzoba nzima lokhu njengoba uCardoso emeqisela ngejezi nje, futhi kungabonakali engumgadli amethembayo noma ofithayo kwindlela yakhe yokudlala.
– Alfred Ngubane
