
UMosimane uveza okwenze walinika elase-Iran ucu
- Sibongiseni GUMBI
UPitso Mosimane usebuyele ekuqeqesheni ngemuva kokuhlala izinyanga eziyisithupha ‘epholisa ikhanda’ futhi ecabanga ngomsebenzi olandelayo omfanele.
Izesheli beziziningi ebezifisa ukuba lo mqeqeshi asondele kuzo azosiza amaqembu azo abe ngcono.
Kodwa uMosimane ubelokhu ekuveza ukuthi ngeke atatazele ngoba ufuna umsebenzi ozohambelana naye nendlela afisa ukusebenza ngayo.
Uke waveza nokuthi usefisa ukubuyela eqenjini lesizwe kodwa kube sekuqhamuka i-Esteghlal FC, yamnqoba, wavuma ukuyoyiqeqesha.
Echaza isizathu esimenze aludedele ucu kuleli qembu, uthi yingenxa yomlando walo nentzhisekelo yalo yokubusa ibhola lase-Asia.
“I-Esteghlal FC yiqembu elikhulu kwiGulf region, futhi inomlando omude okhazimulayo,” kusho uMosimane esitatimendeni.
“”Leli qembu linezinkanyezi ezimbili eziwuphawu lokunqoba kabili i-Asian Champions League kanti lokho kuyakutshela ukuthi bawuhlobo luni lwekilabhu.
“Indebe yabo yokugcina bayinqobe ngo-2022, futhi ngikholwa wukuthi abalandeli bayo basalambele enye impumelelo.
“Le nselelo esiya kuyo inzima, kodwa kuyinto enkulu kithi ukuyohola iqembu elikhulu kangaka.
“Ngibona ubuholi bekilabhu ngokungethemba nethimba lami. Sesikulungele ukuqala umsebenzi.”
UMosimane uya kuleli qembu lase-Iran ehambisana nethimba lakhe lingangilokothe, elinoMaahier Davids, uKabelo Rangoaga, uMusi Matlaba noKyle Solomon.
