UHotto ubalisa ngokushweba kwelakubo kwi-Afcon
- Alfred NGUBANE
UDeon Hotto, ongumdlali waseswini weqembu lesizwe laseNamibia ne-Orlando Pirates ukhatahzekile ngesimo esizovalela abadlali bangakubo ngaphandle.
INamibia ihlulekile wukungena kwiCaf Africa Cup of Nations (Afcon) kanti lokhu kunciphisa amathuba abadlali okuzibonakalisa emqhudelwaneni omkhulu.
“Ukungakwazi kwethu ukuthola indawo kwi-Afcon kuvalele iminyango abadlali abadlal kwiNamibian Premier League ngoba ngeke besakhina ukuzimaketha,” kusho uHotto.
INamibia ikuGroup J neCameroon, Zimbabwe neKenya kanti ngemuva kwemidlalo emine, ayinalo nelilodwa iphuzu njengoba ihlulwe kuyo yonke.
Lokhu kuyayiqinisekisa ukuthi ngeke ibe khona kulo mqhudelwano ozoba seMorocco ngoDisemba.
“Imidlalo yemiqhudelwano efana ne-Afcon neCosafa Cup inikeza abadlali baseNamibia ithuba lokuzimaketha emaqenjini ePSL,” kuqhuba uHotto.
“Manje abadlali balimele kakhulu emoyeni wabo njengoba sizoyibuka kumabonakude i-Afcon, sihlezi emakhaya.”
OLUNYE UDABA: Kwale ukwenza kuMaZulu ebhuliswa amazolo
Kubadlali abagqama kwoCosafa Cup ne-Afcon bagcina bedlale emaqenjini angaphandle singabala uHotto, uPeter Shalulile, uRiaan Hanamub, uBethuel Mazeu, nabanye abaningi.