EzintshaKaizer Chiefs

UKhune ucacisa eyokungagqami kwabasebancane kwiChiefs

Lona wumbuzo omkhulu lowo owayengunozinti waleli qembu, u-Itumeleng Khune aseyitholile impendulo yawo.

Eminyakeni embalwa edlule, iKaizer Chiefs ikhuphule idlanzana labadlali abasebancane lisuka eqenjini leDStv Diski Challenge baya kwelikhulu.

Kodwa yize bebonakala nenamatahlente afanele, akekho kubo osezibonakalise ngendlela egculisayo futhi wazibekisela indawo yokuqala njalo eqenjini elikhulu.

Kuthe uma kuqala le sizini bekulindelwe ukuthi abadlali abafana noMduduzi Shabalala, uMfundo Vilakazi, uSamkelo Zwane noWandile Duba benze kahle.

Kodwa izinto azikahambi njengobekulindelekile kuze kube manje, mhlawumbe uDuba kuphela osenza kahle. 

Manje uKhune ukholwa ukuthi kungaba nzima kakhulu ukwahlulela laba badlali abasebancane ngendlela abadlale ngayo kule sizini.

Utshele iDiski Times ukuthi laba bafana abancane badinga isikhathi esengeziwe nomqeqeshi wamanje uNasreddine Nabi.

Uthi isizathu sokuzabalaza kwabo yingoba badlala ngaphansi komqeqeshi omusha osazama ukuhlanganisa iqembu lakhe.

“Ngicabanga ukuthi impendulo yami izoba lula kuleyo ndaba,” kusho uKhune.

“Uzokhumbula ukuthi umqeqeshi uJose (Riveiro) usehlale ne-Orlando Pirates amasizini amathathu futhi usakhe ubudlelwano nabadlali. 

“Ubanike ithuba; ubelokhu ebanikeza isikhathi (abadlali abasebancane) kancane kancane baze bajwayela. 

“Umqeqeshi uNabi usesanda kufika ekilabhini futhi kusobala ukuthi usazama ukwazi kangcono abadlali, athole isikimu sakhe.

“Kube nezinga lokungenzi kahle ngokufanele kwabadlali abancane kwiChiefs ngenxa yaleso sizathu sokuthi umqeqeshi usemusha… 

“Khumbula ukuthi ekuqaleni kwesizini uMduduzi Shabalala ubedlala njalo. 

“Abalandeli beChiefs bese bethembele kakhulu kuyena, washaya amagoli ambalwa, amagoli abalulekile.

“UMfundo Vilakazi ubengena esuka ebhentshini izikhathi eziningi ukuze azovala umdlalo. 

“Uphinde kwaba khona noSamkelo Zwane… Ngakho bonke abadlali beChiefs, ikakhulukazi abancane, bebengakawubambi umgqigqo ngoba umqeqeshi usazama ukubahlanganisa.” 

UKhune ukholwa ukuthi ukuqhathanisa abadlali abasebancane beKaizer Chiefs nozakwabo bePirates akubenzi ubulungiswa ngoba amaqembu asezigabeni ezahlukene.

“KwiPirates eminyakeni emithathu kamuva, singacabanga ukuthi bonke laba badlali sebeyazana kahle, yebo, bebelokhu bendawonye.

“Kungani? Ngoba umqeqeshi akasalishintshi njalo iqembu lakhe. Useyalazi aqala ngalo imidlalo, bese eshintsha lapha nalaphaya.

“Kodwa kwiChiefs, uma umqeqeshi omusha engayitholi imiphumela, emdlalweni olandelayo ushintsha iqembu lonke.

“Usazama abadlali abahlukene ezindaweni ezahlukene ukuze athole abakwazi ukudlalisana kangcono.

“Ngicabanga ukuthi uma kufanele uqhathanise, lezo yizizathu zami.”