EzintshaKaizer Chiefs

UMngqithi ucacisa eyokumataniswa neChiefs ne-Arrows

UManqoba Mngqithi, obengumqeqeshi weMamelodi Sundowns, usekuphikile ukuthi wake wanxenxwa abaphathi beKaizer Chiefs ukuthi azocija leli qembu.

UMngqithi udedelwe yiSundowns ngoLwesibili ngemuva kwezinyanga ezine engumqeqeshi kuleli qembu lasePitori. 

Ekhuluma kwiMarawa Sports Worldwide ngoLwesithathu, uMngqithi ukhulume ngala mahlebezi. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-53 ubudala, uhale iminyaka engu-12 kumaBrazilians, wasinda ezinguqukweni eziningi ethimbeni labaqeqeshi. 

Ngaphambi kokuqala kwesizini, ake aqina amahlebezi okuthi ufunwa uthuli eNaturena kodwa leli qembu ligcine lithathe uNasreddine Nabi. 

“Akukaze kube nezingxoxo neChiefs. Amahemuhemu ayengelona iqiniso. 

“Ayikho into esemthethweni eyake yenziwa,” kusho uMngqithi Mngqithi.

Phezu kokuqagela ngokuthi uzothatha ikhefu kwezokuqeqesha, uMngqithi uthi ukulungele ukubhekana nenselelo ezintsha. 

Uzwakalise ukuvuleleka kunoma yisiphi isicelo, okuhlanganisa nokubuyela kwiGolden Arrows ngemuva kokuhamba kukaMabhuti Khenyeza.

“Noma iyiphi ikilabhu esondelayo, sizolalela futhi sicabangele ngalokho ekushoyo,” kwengeza yena.

“Ngiyohlale ngivulelekile ukusiza kwiGolden Arrows empilweni yami ngoba ngisazizwa ngiyikweleta leya kilabhu.

“Leyo kilabhu ingenze ngaba umuntu enginguye namuhla. 

“Banginika ithuba ngesikhathi lingekho iqembu eNingizimu Afrika elalingazifaka engozini efana naleya,” kusho uMngqithi.