
UMngqithi ‘ubhulile’ ukuthi uLethlaku uzoshaya inethi
- Sibongiseni GUMBI
UManqoba Mngqithi, ongumqeqeshi weMamelodi Sundowns, uthi ubenomuzwa wokuthi umgadli wakhe osemncane uzoshaya amagoli amabili bebhekene nePolokwane City.
UKutlwano Lethlaku, oqaliswe umdlalo ngaphambi kwengqwele eyaziwayo u-Iqraam Rayners, nguye oshaye womabili amagoli behlula iCity ngo 2-0 ngoLwesithathu.
“Kuyamangaza. Kwesinye isikhathi ebholeni kuba sengathi siyabhula,” usho kanje uMngqithi ngemuva komdlalo.
“Ngikusho lokhu ngoba ngaphambi komdlalo ngimtshelile (uLethlaku) ukuthi namuhla uzoshaya amagoli amabili. Bekuwumuzwa nje engibe nawo.
“Bengazi ukuthi eqenjini elinoTlou Nkwe noLebohang Nkaki, kuzokwenzeka kuvuleke izikhala bese sithola amathuba uma sinomuntu osheshayo.
“Bengingaqala ngomdlali osezinzile nonamava, kodwa ngicabange ukuthi sidinga umuntu ozokwazi ukuntshontsha lawo mathuba.
“Esiwombeni sokuqala bekumele ngabe ulikhahlelele noma kathathu ipali, kodwa ngoba usengumfana omncane, usanokusaba.
“Uze wakhululeka esethole igoli lokuqala. Ngijabulile ngabo bobabili uSales noKutlwano, nomsebenzi owenziwe uPeter Shalulile wokulibazisa izitobha zePolokwane City.”
Uthe umsebenzi kaShalulile bekuwukuqinisekisa ukuthi izitobha zeRise and Shine azibi nesikhathi eside ebholeni.
“Ngoba bayingozi uma benethuba lokukhipha amabhola amade aya kuHlayisi Chauke noThabang Matuludi.
“Lokho bekuzosidalela izinkinga eziningi, futhi ngibona sengathi uPeter uwenz ekahle umsebenzi wakhe.”
