EzintshaMamelodi Sundowns

UMiguel Cardoso ubheke impi yamaqhinga koweFluminense

La maqembu azohlangana emdlalweni oaonquma ukuthi yiliphi elisalayo, yiliphi elidlulayo kwiFifa Club World Cup ngoLwesibili ebusuku – umdlalo uqala ngo-9 ebusuku.

Lo mdlalo, ozodlalwa ngaphansi kwezimo ezishisa ngokweqile eMiami, ubaluleke ngokufanayo kuwo womabili amaqembu. 

ISundowns kumele inqobe ukuze idlulele phambili, kanti iFluminense yona idinga iphuzu kuphela ukuze ingene esigabeni somkhumulajezi. 

UMiguel Cardoso ulindele umdlalo ozoba nzima kuwo womabili amaqembu.

“Kuzofana nomdlalo we-chess,” kusho uCardoso kanje kwabezindaba. 

“Sinendlela yokudlala efanayo, nakuba silandela izimiso zebhola ezihlukene. 

“Yilokho okuzokwenza lo mdlalo ube yimpi yamaqhinga.”

UMiguel Cardoso uvumile ukuthi isimo sezulu sibe nomthelela omkhulu endleleni iqembu lakhe elenze ngayo kulo mqhudelwano kuze kube manje. 

Amazinga okushisa aphezulu eMiami aphoqe labo mpetha bePSL ukuthi bashintshe indlela abadlala ngayo.

“Singene kulo mqhudelwano ngilindele ukuthi singazibekaphi ngokwezinga…

“Kodwa ngaphansi kwalawa mazinga okushisa, akunakwenzeka. 

“Ngisho nangaphambi kokuba sifinyelele kulokho esikujwayele, sisuke sesivele sesisemkhawulweni.”

Lo mqeqeshi wasePortugal ugcizelele ukubaluleka kokugcina ibhola ekulawuleni amandla nokulawula umdlalo.

“Iqembu eliphethe ibhola aligqilazeki kakhulu futhi liba nengcindezi encane ngokwengqondo,” kwengeza uCardoso. 

“Yingakho kubalulekile ukuthi sidlale ngendlela yethu yokugcina ibhola – lokhu kuzosivumela ukuthi sidlale ngokunethezeka.”

Kuwumqansa impela khona lokhu okubhekene neSundowns kulo mdlalo, kodwa seyikuvezile ukuthi ingazigila izimanga kulo mqhudelwano. 

Uma inganqobanga, izobuyela ekhaya ngemuva komdlalo, futhi izoba nesikhathi esincane sokuphumula ngaphambi kokuqala amalungiselelo esizini ezayo.