Ezintsha

UMasibusane Zongo uchaza okwenzeka eboshelwa ukudlwengula

Owayeyisihlabani sePSL uMasibusane Zongo useveze imininingwane ngokuhlala kwakhe izinyanga eziyisishiyagalolunye ejele ngemuva kokusolwa ngokudlwengula. 

Lo mdlali owaziwa ngekhono lomjiko ukhulume kabanzi ngalesi siqephu esingesihle sempilo yakhe kwiPodcast ye-YouTube, iTrap and Pass.

UMasibusane Zongo wake wathathwa njengomunye wabadlali abanekhono futhi okubhekwe lukhulu kubo ebholeni laseNingizimu Afrika. 

Uqale ukudlala ibhola elikhokhelayo ngo-2008 kwiSuperSport United. 

Ikhono lakhe lamzuzela abalandeli abaningi, kodwa izinkinga zokungaziphathi kahle zawuphazamisa kakhulu umsebenzi wakhe.

Phakathi kuka-2008 no-2012, wadlalela kwiSuperSport United ngaphambi kokudlulela emaqenjini afana neBidvest Wits, Blackburn Rovers, Chippa United, Platinum Stars, Royal Eagles, neTTM. 

Kodwa-ke, okukhunjulwa kakhulu ngaye yizigemegeme ayezenza ngaphandle kwenkundla okubalwa kuzo ukweqa ekhempini yeqembu ayozijabulisa ngamankwebevu. 

Nokuboshwa kwakhe ngecala lokudlwengula kwasuka ngawo amankwebevu, ngokuchaza kwakhe kule Podcast. 

Ekhuluma ngodaba lwakhe lokudlwengula, uMasibusane Zongo ucacise inselelo abhekana nayo ngalesi sigameko. 

“Kukhona indaba engifuna ukuyixoxa. Angikaze ngikhulume ngale ndaba phambilini. 

“Ngangidlala kwiChippa United, futhi uyazi, kwiChippa, ngangiyisihlabani,” kusho uZongo.

“Sahola kunguLwesine, sazikhipha noMbulelelo Mabizela, engangimthatha njengobaba. 

“Ngaleso sikhathi wayeshayela iBentley, konke kwakukuhle futhi uma siya ejimini sifike amawindi ehlisiwe sikhiphe amakhwapha.

“Sabe sesiya e-University of Western Cape la sahlangana khona nala mantombazane base sesiyophuza nawo utshwala. 

“Ngemuva kwalokho saya ehhotela. Ekuseni uMabizela wahamba nentombazane ayelale nayo, nami ngahamba neyami.”

Ngokwakhe, kwabe sekuphelile okwakukade kubahlanganisile kanti akabuzanga elangeni.

“Enye yamantombazane eyayinathi ngobusuku yangishayela ucingo ibuza ukuthi kwenzekeni phakathi kwami nale intombazane engihambe nayo. 

“Mina ngathi akwenzekanga lutho. Yabe seyingitshela ukuthi intombazane le ithi ngiyidlwengulile futhi isibuya kobika emaphoyiseni.

“Ngayiswa esiteshini samaphoyisa futhi uMabizela wangeluleka ukuba ngazise usihlalo weChippa, uChippa Mpengesi. 

“Wabe (uChippa) esesitshela ukuthi ummeli wakhe uzofika esiteshini samaphoyisa, ngabe sengidedelwa ngebheyili,” kuchaza uMasibusane Zongo.

“Ngakho ngathola nokuthi intombazane ingumfundi waseNyuvesi futhi yayingenayo imali yokukhokhela indawo yokuhlala. 

“UMpengesi wangibuza ukuthi le ntombazane ifuna malini ukuze ihoxise leli cala. Nganqaba ukuthi sikwenze lokho ngoba ngazi ukuthi angiyenzanga lutho.”

Uthe icala labe selithatha isikhathi, kwaze kwaba uyashiya kwiChippa uyojoyina iPlatinum Stars.

Nokho icala lamlandela njengoba kuyaye kushiwo ukuthi aliboli. Amaphoyisa asola ukuthi usebalekile, abe esekhipha incwadi yokumthungatha ukuze aboshwe. 

“Bangikhiphela incwadi egunyaza ukuboshwa ekubeni mina ngahamba ngingazi ukuthi usuku lwami lokuya enkantolo lunini. 

“Ngaboshwa ngiseBushbuckridge, lapho ngangidlala khona komunye umqhudelwano webhola laselokishini.

“Ngathathwa amaphoyisa ngiphakathi enkundleni. Ukusuka lapho, ngangingasenandaba, bangithatha futhi ngahlala esitokisini izinyanga eziyisishiyagalolunye.”

Wagcina ededeliwe ngemuva kokuthi intombazane ilihoxise icala eyayimsola ngalo.