
UMarshall Munetsi ubonga akufunde eNingizimu Afrika
Ukaputeni weqembu lesizwe laseZimbabwe uMarshall Munetsi ukholelwa ekuthenii ibhola lase-Afrika linzima futhi linezinselelo ezinkulu kunebhola lase-Europe.
Lo mdlali owayengumdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uveze imicabango yakhe ngemuva kokuthi iZimbabwe ithole umphumela omuhle kwiNigeria.
Lamaqembu akhiphane inkani, ashayana aze abukana umdlalo wawo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 obuse-Uyo ngoLwesibili uphela ngo 1-1.
Ubuzwe abezindaba baseNigeria ukuthi ngabe isipiliyoni sakhe esisha kwi-English Premier League simenze waba ngumdlali ongcono yini.
UMarshall Munetsi uqale umsebenzi wakhe webhola elikhokhelayo kwiBlue Rangers eZimbabwe.
Wabe eselandwa yiFC Cape Town yaseNingizimu Afrika, wafika kuyo wenza kahle wabe eseheha amehlo e-Orlando Pirates.
Indlela adlale ngayo kwiPirates imenze wadlulela eqenjini elidlala kwiLigue 1 eFrance, iStade Reims.
Uhlale lapho iminyaka embalwa wadlala imidlalo engaphezu kuka-150 washaya amagoli angu-21.
NgoJanuwari, ube esesayinwa ngemali eshisiwe yiWolverhampton Wanderers edlala kwi-English Premier League.
Usedlale imidlalo eyisikhombisa kulezi qembu kanti usevele unegoli elilodwa alishayile kule ligi ehlonishwa emhlabeni jikelele.
Echaza ngohambo lwakhe ebholeni, uMunetsi uqhakambise isikhathi sakhe eNingizimu Afrika naseFrance ngokuthi simenze lomdlali anguye manje.
“Ngisahlale inyanga eyodwa kuphela e-England, ngakho-ke angikwazi ukusho ukuthi kungisizile okwamanje,” kuphendula uMarshal Munetsi.
“Kodwa ukudlala eFrance naseNingizimu Afrika ngibhekele nabadlali abanamagama amakhulu nabaholi abahle kube ukhiye ekukhuleni kwami.”
UMarshal Munetsi ugcizelele ubunzima bebhola lase-Afrika, ethi ukuphuma nomphumela yinto enzima kakhulu.
“Ukunqoba imidlalo yasekuhambeni e-Afrika kunzima kunase-Europe,” kwengeza lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala.
“Kunezimo zezulu ezihlukile namanye amaqhinga ahlukile atholakala ebholeni lase-Afrika kuphela.”
