EzintshaKaizer Chiefs

OweKaizer Chiefs ucacisa eyabadlali abasayinwayo

Ukuqinisekisile ukuthi sekulungiswa imicikilisho ethile nabanye babadlali abasha abasayinisiwe. 

Uthe kungenzeka abanye bahamambe neqembu uma seliya ekhempini yalo yokulungiselela isizini entsha eNetherlands.

Yize izimbangi ezifana ne-Orlando Pirates sezivele zibethulile abadlali abasha, iKaizer Chiefs yona isaqinisekise abahambayo kuphela. 

Lokhu kuthula sekudale ukukhathazeka kubalandeli, kodwa uJessica manje usekucacisile, wathi abakhululeke, umsebenzi uyaqhubeka.

Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa iToyota Cup ka-2025, uJessica Motaung uqinisekise abalandeli ukuthi iKaizer Chiefs isebenza ngokuzikhandla esithe.

“Ithimba limatasa kumanje ngalokho, sisasele nelinye isonto,” usho kanje kwabezindaba.

“Ngiyazi ngabadlali abasayinwayo njengamanje. Uma konke lokho sekulungisiwe, uma bekulungele ukuya eNetherlands, bazokwethulwa.”

IChiefs iya ekhempini yayo yokuzicijela isizini e-Apeldoorn, eNetherlands, kanti izolifulathela elakuleli ngoJulayi 4.

Izohlala khona kuze kube uJulayi 19, kanti izodlala imidlalo yobungani emihlanu namakilabhu adlala ezigabeni ezikhokhelayo kuleliya zwe.

Kodwa-ke, uJessica Motaung uphawule ukuthi izinto ezifana namaphepha nokubambezeleka kweVisa kungenzeka kwenze kube khona abasalayo kulaba abasha.

“Sizama ngakho konke ukusayina abadlali ngokushesha ukuz ebakwazi ukuya eNetherlands neqembu, ukuze bajwayelane kahle nozakwabo abasha,” kusho yena.

Uma kwenzeka kuba khona abangakwazi ukuhamba, lukhona uhlelo oluzoqhubeka eNaturena ukuqinisekisa ukuthi abasaleli emuva. 

“Labo abangahambi basazoba nohlelo lwabo njengoba sizobe silungiselela iToyota Cup nokuqala kwesizini entsha.”

Abalandeli beKaizer Chiefs bangalindela izimemezelo ngabadlali abasha ezinsukwini ezizayo. 

Ekubuyeni kwawo ohambweni lwaseNetherlands, Amakhosi azodlala iToyota Cup ngoJulayi 26 eMoses Mabhida Stadium eThekwini ne-Asante Kotoko yaseGhana.