DStv Premiership

UMakaab uhlaba inkulumo kaBroos ngoManqoba Mngqithi

UHugo Broos usephinde waciphiza amakhona kubaqeqeshi beMamelodi Sundowns, ebasola ngokungadlalisi oTeboho Mokoena noKhuliso Mudau. 

UMokoena noMudau bebengakadlali kwiSundowns kusukela kuthathe uManqoba Mngqithi izintambo zokuhola leli qembu laseTshwane. 

Lokhu kuqubule amahlebezi okuthi akabezwa kahle laba badlali kwazise bebesondelene noRulani Mokwena obeqeqesha iSundowns ngesizini edlule.

Manje imenenja kaMngqithi, uMike Makaab, isisole uBroos ngokugxeka uMngqithi ngokungabadlalisi laba badlali.  

“Engingakutshela khona ngoManqoba, sengibe naye iminyaka engu-12. Akayona indoda ebamba amagqubu,” kusho uMakaab kwiGagasi FM Sports. 

“Akayona indoda enezintandokazi. UManqoba uyazi ukuthi uzohlulelwa ngento eyodwa kuphela – imiphumela yakhe. 

“Kumele afake abadlali akholelwa wukuthi bazomenzela umsebenzi. Kukhona okuthile – angisazi isizathu – kumele kube khona isizathu esenza abeke eceleni uMokoena noMudau. 

“UMudau useke wamdlalisa futhi wafike wenza into yamehlo ngesikhathi ebuyiselwa eqenjini,” kuchaza uMakaab. 

“Lokho kuyakukhombisa ukuthi akukho ukungezwani phakathi komdlali nomqeqeshi.”

UMokoena ujabulele amagoli awashaye kwiBafana ngendlela ekhombise ukuthi uthumela umlayezo kwabathile noma othile. 

Ubezikhomba ngomunwe esifubeni bese ebonakala ephimisa okuthile okucatshangwa ukuthi ubethi uyilento ayiyo futhi akekho ozokujika lokho. 

Kube sekuba sengathi lo mlayezo wakhe ubheke kuMngqithi njengoba yena engamdlalisi kwiSundowns yize engomunye wabadlali abasezingeni ebholeni lakuleli.

“Uyabona lo mbhedo wokuthi kusetsheziswe isithombe sikaMokwena ezikhomba esifubeni ethi, ‘ngiyilokhu engiyikho’, kuyahlekisa.” 

UMakaab uthe uyakuqonda ukukhathazeka kukaBroos ngesimo sikaMokoena noMudau kwiSundowns njengoba kungaba nomthelela nakwiBafana.  

“Ngiyakuqonda ukukhathazeka kukaHugo Broos. Kodwa ake siyibheke ngelinye iso,” kuqhuba uMakaab.

“Ake ucabange uma uJose Riveiro engakusho esidlangalaleni ukuthi akakuqondi ukuthi kungani uHugo Broos engamdlalisi uPatrick Maswanganyi.

“Ekusho lokhu ngokubheka akwenzayo kwiPirates. Ngiyaqond aukuthi uBroos udinga abadlali bakhe abasezingeni. 

“Kodwa ukuthi akhulume ngendlela akhulume ngayo akulungile,” kucacisa uMakaab. 

ILisenethini ike yabika emasontweni ambalwa edlule ukuthi kunabadlali abathile kwiSundowns abangase baqondiswe ubugwegwe. 

Laba badlali basolwa ngokweya uMngqithi ngoba besaxhilwe eyokuxoshwa kukaMokwena ngendlela okwenzeka ngayo.