
UTinkler ukhathazwa ‘olamthuthu’ abafuye kwiCity
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weCape Town City u-Eric Tinkler ukhathazekile ngesimo sengqondo kubadlali bakhe.
ICitizens ihlulwe kanzima ngo 3-0 ibhekene neStellenbosch FC ngoLwesithathu.
Bekungokwesine behlulwa kulandelana kwidabhi yaseWestern Cape.
ICity ibiza kahle kwaze kwabe u-Andre de Jong ushaya igoli ngomzuzu ka-43.
Ngemuva kwalokho, kujike konke. IStellies ithathe izintambo ngesiwombe sesibili.
Abadlali beCity bebebukeka bephansi futhi bengakhungathekile njengoba izimbangi zabo zihlohle amanye amagoli amabili.
Lokhu kube wukuhlulwa okukhulu iCity esike yabhekana nakho uma ibhekene nalabo mkhaya bayo.
Ukukhungatheka kukaTinkler kuhlale obala. Uveze ukungabaza kwakhe isimo sabadlali bakhe, ikakhulukazi laba asebenamava.
“Yilapho ukudumala kwami kukhona, ikakhulukazi uma unolwazi oluningi enkundleni,” kusho uTinkler.
“Kufanele kube nokulwa okwengeziwe. Kufanele kube nolaka olwengeziwe.”
Kunalokho, uTinkler ubone ukuntula kokudlala ngokuphuthuma kokulwela umphumela.
Uthe abadlali bakhe bebedlala sengathi abanendaba nokwenzekayo, bazigcinela icala nje ngoba nakhu besenkundleni.
Kuye, lokhu kuletha ukukhathazeka okukhulu.
“Kufanele sibe ngcono ngalezo zikhathi, ikakhulukazi ngekhwalithi esinayo nolwazi esinalo,” kwengeza yena.
Ukholwa ukuthi abadlali bakhe bekufanele basabele kangcono.
“Lezo zikhathi sidinga ukuba ngcono. Ukube bengineqembu lentsha, mhlawumbe bengingavuma.”
Lokhu kuhlulwa kuphakamisa imibuzo mayelana nokuziphatha nokuzimisela kwabadlali beCity.
Iqembu likaTinkler libonakale liyekelela kalula, okungeyona into abeyilindele.
Ukuhlulwa kwidabhi kuyinto okufanele ifuse leli qembu emaqandeni.
Ngabadlali abasezingeni eliphezulu enkundleni, bekufanele benze kangcono.
Kunalokho, bahlukana ngaphansi kwengcindezi. Isimo sabo sengqondo esibi sabalahlekisela kakhulu.
Abalandeli sebezobheka ukuthi uTinkler nabadlali bakhe basabela kanjani emdlalweni olandelayo.
Lo mqeqeshi unomsebenzi onzima wokwakha kabusha ukuzethemba nokubhekana nalezi zinkinga.
ICity idinga ukuthola umoya wayo wokulwa. Uma kungenjalo, imiphumela edumazayo isangaqhubeka.
