Ezintsha

UMajoro nesifiso esinqala ngebhola lakuleli

Uthi unesifiso sokuthi ike ibhekisiswe indlela izinhlelo zokuthuthukiswa kwamakhono ngaphansi kwenhlangano ephethe ibhola iSafa eziphethwe ngayo. 

“Ngifisa ukuthi abaphathi beSafa basike iphethini kwiSouth Africa Rugby ngokuthuthukiswa kwabadlali abancane baze bafinyelele ezingeni elikhokhelayo,” kusho uMajoro.

“Abadlali berabhi bathola ukuqeqeshwa kusukela beneminyaka eyisithupha, badlule kuzo zonke izigaba ezincane.

“Lokho kudala ukuthi badlale kahle bakwazi ukumela kahle izwe labo ngokuzimisela. 

“Baningi abadlali abadlala ibhola emazingeni aphansi kodwa abanakiwe ngoba ayikho indlela eqondile yokubahlonza nokubathuthukisa.”

Ukungabi khona kwezinhlelo eziqondile zeSafa, sekuvulele ogalakajane abazivulela ezabo izikhungo bese beqola izingane nabazali. 

UMajoro uthe lokhu kunganakwa kwabadlali abasebancane kwenza abadlali bagcine bengahlonzwa besebancane ukuze bakhuliseke kahle. 

Wenze isibonelo ngomdlali we-Orlando Pirates oshisa izikhotha uKamogelo Sebelebele ongene ebholeni elikhokhelayo esemdala. 

“Mina ngangena ebholeni elikhokhelayo sengikhulile njengoKamogelo Sebelebele okhombise ukuthi ungumdlali omuhle kodwa ubonwe esemdala,” kuqhuba uMajoro.

Baningi nabanye abadlali abanekhono elihle, abavundululwe sebekhulile njengoSibongiseni Mthethwa weKaizer Chiefs.