EzintshaOrlando Pirates

UMabasa ufuna ukulalisa uyise engadlile ngedabhi

Lokhu kumenza afise ukuqeda ubumnandi endlini kubo ngokuthi enze uyise alale engadlile, nasekhaya kungabi mnandi.

Uzokwenza kanjani lokho? Ngokuthi ashaye igoli, noma amabili, asize iPirates ijuqe iChiefs ngoMgqibelo ntambama.

IChiefs izoba yizivakashi eFNB Stadium emdlalweni obhekwe ngabomvu weBetway Premiership – uqala ngo-3.30 ntambama. 

Ekhuluma nabezindaba kuleli sonto, uMabasa uveze ukuthi uyise ungumlandeli wokuqina weChiefs.

Uthe yize emeseka emsebenzini wakhe webhola, kodwa imibino uyehlukana uma sekuza ekutheni udlala kuphi.

“Ubaba nguyena umuntu engikhuluma naye cishe nsukuzonke,” kusho uMabasa onomoya ophansi.

“Ngiyakubonga ukungeseka kwakhe, kodwa iyodwa into engisahluleke ukumjika kuyo, ukuthi ajike abe ngumlandeli wePirates. 

“Ungumlandeli weChiefs futhi iningi labantu basekhaya balandela yona iChiefs.

“Ngethemba ukuthi ngizobaphoxa ngokusiza iqembu lami linqobe ngoMgqibelo,” kwengeza uMabasa.

Wengeze nangokuthi yena uvele ukhule ezithandela iPirates ngakho kulula kuye ukufuna ukujuqa Amakhosi. 

Yize esenenqwaba yamagoli futhi esengowesibili ngamagoli amaningi kwiPirates, uMabasa akakaze alishaye kwidabhi.

“Ngifuna ukukujika lokho kulo mdlalo. Ngethemba ukuthi ngizothola igoli lami lokuqala kwidabhi, ngisize iqembu liqoqe amaphuzu amathathu.

“Ngicabanga ukuthi ngingowesibili ophezulu ngokushaya amagoli emlandweni wePirates.

“Leyo yinto engingaziqhenya ngayo, kodwa ngifuna ukuqhubeka nokuzuza izinto ezinkulu,” kusho lo mgadli oneminyaka engu-28.