
I-Arrows seyiphinde yahlomula ngababili kwiRoyal AM
Abadlali ababili abebekwiRoyal AM engasekho sebethole amakhaya amasha kwiGolden Arrows.
Kubikwa ukuthi uThabo Matlaba owayengumdlali we-Orlando Pirates usesayine ngokusemthethweni ne-Arrows ngemuva kwezinsuku ezimbalwa eziqeqesha nayo.
Lo mdlali oneminyaka engu-37 ubudala ushiye iRoyal AM ehambisana nomdlali wasesiswini uPhilani Sithebe.
Lokhu kungemuva kokungakhokhelwa isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu — okuphula imithetho yeFifa.
Ngokwemithetho yeFifa, abadlali abangakhokheliwe imiholo nemihlomulo izinsuku ezingu-90 banelungelo lokunqamula izinkontileka zabo bajoyine amanye amakilabhu.
Bobabili uMatlaba noSithebe basebenzise leli lungelo futhi manje sebezitholele ikhaya elisha kwiGolden Arrows.
Ngokubika kweSportswire.co.za, imithombo ithi inqubo yokugunyazwa kwalaba ababili ayikacaci ngenxa yezinkinga eziqhubekayo zezomthetho nemali kwiRoyal AM.
Ubulungu be-PSL bale kilabhu bunqanyuliwe, okwenza ingabi yingxenye yebhola elikhokhelayo laseNingizimu Afrika.
Lokhu kusho ukuthi iBetway Premiership izoqhubeka namaqembu angu-15 kuphela kule sizini, iqembu ngalinye lidlale imidlalo engu-28 esikhundleni sika-30.
Ukuwa kweRoyal AM kuncike esikweletini sentela esilinganiselwa ku-R40 million esikweletwa iSars ngumnikazi wale kilabhu uShauwn “MaMkhize” Mkhize.
Njengoba izimpahla zekilabhu zadliwa yiSars, umdlalo wayo wokugcina wadlalwa ngoDisemba kanti abanye abadlali abakaze bakhokhelwe kusukela lapho.
UMatlaba uhamba ngemuva kwamasizini amane ewkiRoyal AM, lapho adlale khona imidlalo engu-86, washaya amagoli ayisithupha.
UPhilani Sithebe yena usengumdlali osafika ebholeni elikhokhelayo futhi ubesadlale imidlalo eyisishiyagalombili nje kuphela eqenjini elikhulu kwiRoyal AM.
UMatlaba noSithebe sebejoyine uShadrack Kobedi, uSabelo Sithole no-Ayabule Maxwele kwi-Arrows.
Abanye abadlali ababe kwiRoyal AM asebethole amakhaya amasha ngoSbangani Zulu noMfundo Thikazi abajoyine iRichards Bay, kwathi uKhulekani Shezi wasayina neSekhukhune United.
