
Ukhonjwa kwi-Orlando Pirates ozakhele igama phesheya
I-Orlando Pirates izohlola umdlali waseNingizimu Afrika ozakhele igama phesheya, uJaisen Clifford njengoba ibheke ukuqinisa iqembu ngaphambi kwesizini entsha.
Lezi ziqhwaga zaseSoweto kuthiwa zithumele incwadi yokuveza isifiso sazo sokuhlola lo mdlali, ngokubika kweSportswire.co.za.
Inkontileka kaClifford kwi-Etar Veliko Tarnovo yaseBulgaria iyaphela ekupheleni kukaJuni.
UClifford oneminyaka engu-26 ubudala ungumdlali wasesiswini ohlaselayo okwazi ukudlala kuzo zombili izimpondo – kwesokudla nakwesokunxele.
Lokhu kumenza abonakale engumdlali ongasivala khaxa isikhala sikaMonnapule Saleng.
Phela uSaleng kukholakala ukuthi usendleleni ephumayo ngemuva kokusayina inkontileka kwelinye iqembu — okuyinto ebacasule kakhulu abaphathi bekilabhu.
Yingakho manje sebejikele kulo mdlali odabuka eMpumalanga obe nohambo lwebhola oluyingqayizivele.
Uqale esikhungweni sokuthuthukisa amakhono seSuperSport United ngaphambi kokuyodlala eMalta, eLithuania, e-Armenia, njengoba manje eseseBulgaria.
Isikhathi sakhe esivelele ebholeni sibe ngo-2017 lapho esiza iFC Stumbras ukunqoba indebe iLithuanian Cup.
Lesi bekuyisicoco sokuqala esikhulu saleli qembu futhi salitholela indawo emidlalweni yokuhlungela i-Uefa Europa League.
Le ntshisekelo ngoClifford iqhamuka nje kuvele kunamahlebezi akhulayo ngoRelebohile Mofokeng.
Lo mdlali osemncane kuthiwa uheha amaqembu aphesheya ubuthaphuthaphu ngemuva kwesizini enhle abe nayo.
I-Orlando Pirates ibheke ukuphothula isivumelwano sokusayina uClifford ngokushesha uma kuwukuthi uyilento eyidingako.
Okuzokwenza kube lula ukumsayina wukuthi utholakala mahhala njengoba ezobe ephelelwe yinkontileka nje.
Futhi uma esayinwa, kulindeleke ukuthi ajoyine i-Orlando Pirates ekhempini yayo yokulungiselela isizini eMarbella, eSpain ngoJulayi.
AmaBhakabhaka azozwana amandla neBolton Wanderers, iPafos FC nezinye izimbangi zamazwe ngamazwe ngesikhathi ekule khempu.
I-Orlando Pirates izilungiselela umkhankaso omatasa ka-2025/26 njengoba izodlala emiqhudelwaneni okungenani emihlanu.
Isipiliyoni sikaClifford sezinga lamazwe ngamazwe nefomu yakhe enhle sekuqubule isasasa nakwamanye amaqembu ase-Europe.
- JOYINA | SineGroup kaWhatsApp, cofa la
Kodwa i-Orlando Pirates inethemba lokuthi izomsayina kuqala njengoba yakha isikwati esizokwazi ukulwela ukunqoba kuzo zonke izindebe ezodlala kuzo.
