UMokoena uhlalula akholwa ukuthi bayikusasa leBafana
- Intatheli yeLISENETHINI
Umdlali wasesiswini weBafana Bafana, uTeboho Mokoena, ukugcizelele ukubaluleka kokweseka abadlali abasebancane abafana noRelebohile Mofokeng.
Ukholwa wukuthi abadlali abadala kumele babamukele ngemfudumalo njengoba beyikusasa leqembu lesizwe.
UJayden Adams no-Oswin Appollis bajoyine iBafana ngo-2023. UMofokeng noThalente Mbatha bajoyine kulo nyaka.
U-Adams no-Appollis bebekhona futhi badlalile kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2023 ebise-Ivory Coast, lapho iBafana yenze kahle, yalala isithathu.
Umunye umdlali osemncane obeseqenjini le-Afcon nguThapelo Maseko weMamelodi Sundowns.
Lo mdlali osemncane osemncane uze washaya negoli kulo mqhudelwano obuse-Ivory Coast.
UMokoena uthi abadlali abadala kumele baqinisekise ukuthi isimo sihle eqenjini ukuze abadlali abasebancane bazizwe bemukelekile.
“Kumele sibamukele ngoba bayikusasa,” kusho uMokoena kwabezindaba kuleli sonto.
Wengeze ngokuthi iBafana ingaphezu kweqembu nje, kodwa iyindawo lapho wonke umdlali kumele azizwe esekhaya.
“Siwumndeni, abafowethu, nabangane. Kusukela ngosuku lokuqala, samukele ngokufudumele u-Rele, u-Oswin, u-Adams, noThalente.
“Bazosisiza manje nasesikhathini esizayo sibheke bona ukuthi baqhubeke nomsebenzi.”
Abadlali abasebancane sebevele babe nomthelela eqenjini. Amagalelo abo asize iBafana yathola indawo kwi-Afcon ka-2025, ezoba seMorocco.
U-Appollis noMbatha bebemqoka emidlalweni yokuhlunga njengoba bobabili beshaeye amagoli amabili umuntu emunye.
IBafana izodlala umdlalo wayo wokugcina kweyokuhlungela i-Afcon neSouth Sudan ngoLwesibili eCape Town Stadium ngo-6 ntambama.
UMaseko akekho yena eqenjini ngenxa yokulimala kanti u-Adams ushiywe ngaphandle ngenxa yezinkinga zokuziphatha.