Bafana BafanaEzintsha

Adams: Ukumiswa kwiBafana Bafana kungikhulisile

U-Adams ushiywe ngaphandle ngumqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos ngesikhathi kudlalwa imidlalo yokuhlungela i-Afcon ka-2025.

Lokhu bukulandela ukungaziphathi kahle kwalo mdlali, owaquba endleleni wagcina engafikanga kwenye yamakhempu eqembu lesizwe. 

Kwavela ukuthi lokhu wayekwenza ngoba engxamele ikilabhu abekuyo ngaleso sikhathi, iStellenbosch FC ngokungafuni ukumdedela.

Phela wayekade efunwa uthuli yiSundowns ngaleso sikhathi, kodwa kwaze kwavalwa iwindi lokudayiselana ngabadlali engakhululiwe.

UBroos wakubeka kwacaca ukuthi ngeke akubekezelele ukungaziphathi kahle eqenjini lakhe. Nokho u-Adams usebuyile kwi-Bafana Bafana.

Ubuyele eqenjini leBafana kweyokuhlungela iNdebe yoMhlaba yeFifa ka-2026 futhi washaya amagoli amabili – elilodwa bebhekene neLesotho nelinye koweBenin.

Ifomu yakhe ehle kusukela efike kwiSundowns iphoqe uBroos ukuthi ambuyise eqenjini lakhe.

Ekhuluma ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu weSundowns kwiCaf Champions League ne-Al Ahly, u-Adams uveze isifundo asithola ngalesi siqephu sempilo yakhe.

“Kungivule amehlo ukuthi ngenze kangcono futhi ngilungise isimo sami sengqondo. 

“Ngikwenzile lokho futhi manje sengibuyile. Sibonga uNkulunkulu ngalokho,” kusho yena.

Lo mdlali oneminyaka engu-23 ubudala uncome ozakwabo nethimba labaqeqeshi ngokumamukela ngemfudumalo ekubuyeleni kwakhe kwiBafana.

“Kufana nokuthi angizange ngiphume… Bangamukele kahle. Umqeqeshi wangijezisa, ngasamukela isijeziso sami. 

“Kodwa manje ngibuyile. Ngicabanga ukuthi ukusebenza kwami ngokuzikhandla kwenze kwaba nzima ukungishiya ngaphandle,” kwengeza yena.

U-Adams ujoyine iSundowns esuka kwiStellenbosch ngoJanuwari futhi usesheshe wangena khaxa kulezi zinkunzi nasePitori.

Kulindeleke ukuthi aqale umdlalo uma sebebheke ne-Al Ahly ngoMgqibelo eLoftus Stadium.

Lo mdlalo uthathwa njengomunye emikhulu iSundowns ezobhekana nayo kule sizini.