
Ukhihla esikaNandi u-Iqraam Rayners ngokuzitshwa kwezePSL
Umgadli weMamelodi Sundowns u-Iqraam Rayners usezwakalise ukuphoxeka kwakhe ngemuva kokungafakwa kwabaqokelwe imiklomelo emikhulu yePSL.
Lo mdlali usale nemibuzo ngokuthi akaqokwanga kanjani emiklomelweni yeFootballer of the Season nePlayers’ Player of the Season.
U-Iqraam Rayners uthi usale nemibuzo ngemibandela nezindlela ezisetshenziswe ohlelweni lokuqoka kule miklomelo.
Lo mgadli oneminyaka engu-29 ubudala ube nomkhankaso oncomekayo, ehlohla amagoli angu-14 kwiBetway Premiership.
Usale ngamabili nje kuphela kuzakwabo kwiSundowns uLucas Ribeiro, oqede njengomshayimagoli ovelele kwiligi.
U-Iqraam Rayners uphinde wakhela ozakwabo amagoli ayisishiyagalolunye, njengoba ebengomunye wabadlali abamqooka iSundonws inqoba isicoco seligi ihlandla lesishiyagalombili kulandelana.
Ngaphandle komgqigqo wakhe kwiligi, uRayners wengeze ngamagoli amane kwiCarling Knockout Cup, okuhlanganisa amabili awashaya bebhekene neKaizer Chiefs.
Lokhu kusho ukuthi ube nesandla emagolini angu-27 kuyo yonke imiqhudelwano yakuleli ngesizini eyodwa.
Naphezu kwesizini yakhe emangalisayo, uRayners ushiywe ngaphandle kuyo yomibili imikhakha emikhulu ezindondweni zePSL.
URibeiro, isihlabani se-Orlando Pirates uRelebohile Mofokeng, nomdlali wasesiswini weSekhukhune United uKeletso Makgalwa yibo abaqokwe kule mikhakha.
Ekhuluma kwiPitchside Podcast yeSundowns, uRayners akazange akufihle ukuphoxeka kwakhe ngokushaywa indiva kule miklomelo emibili ehlonishwayo.
“Ngiphoxekile kakhulu uma ubheka engikwenzile ngesizini edlule,” kusho lo mgadli weBafana Bafana.
“Sineqembu elihle elingisizayo nabaqeqeshi bayakholwa kimina ngakho ngaphoxeka lapho ngibona abadlali ababaqokile.
“Ngokwezibalo zami zesizini edlule, ngicabanga ukuthi bekungaba kuhle ukuba ngiqokwe emikhakheni emaningi.
“Angikuqondi (imibandela yokuqoka) kodwa ngicabanga ukuthi umdlali ongcono kakhulu kwiligi kimina ngokusobala kube nguLucas Ribeiro.
“Ngicabanga ukuthi ngingowesibili ngemuva kukaLucas (ngokwamagoli) kodwa abanye abantu ababheki kanjalo.”
Yize ephoxekile ngokuzithswa kwakhe kule miklomelo abeyibhekile, uRayners uthi uzoqhubeka nokusebenza kanzima futhi afake isandla eqenjini lakhe noma nini uma enikezwa ithuba.
“Konke kumayelana neqembu. Uma ungekho endaweni enhle yokuthi ungashaya igoli omunye umuntu ekhona, kungani ungamniki ibhola… ngoba sizonqoba ndawonye njengeqembu.
“Kumayelana nomzamo weqembu futhi abantu ababoni engikubona enkundleni kodwa iqembu liza kuqala ngaphezu kwamagoli ashaywa yimi.”
Imiklomelo yePSL izosakazwa bukhoma kusukela ngo-7 ebusuku kuSABC Sport nakuSuperSport TV ngoLwesibili.
U-Iqraam Rayners uqokelwe umklomelo owodwa kuphela, oweCarling Knockout Player of the Tournament.
Uwubanga nabadlali ababili beMagesi FC okungu-Elvis Chipeze no-Edmore Chirambadare. IMagesi iyona eyanqoba le ndebe.
