
USamir Nurkovic usangayitakula iChiefs – Manyama
– Alfred Ngubane
ULebogang Manyama oyiphini lomqeqeshi kwiCape Town City usakholelwa kuSamir Nurkovic owayenguzakwabo besadlala bonke kwiKaizr Chiefs.
USamir Nurkovic wayengalibheki ipali ngesizini yakhe yokuqala kwiKaizer Chiefs kanti uLebogang Manyama nguye owayemphakela amabhola ukuze adabule inethi.
Njengamanje uNorkovic usekwiTS Galaxy la eshaye khona amagoli ayishumi kule sizini esongwayo, kanti uManyama usakholelwa kuye.
“Ungumgadli osezingeni eliphezulu kakhulu ngoba uyakwazi ukuvikela ibhola ezinyaweni zakhe…
“Namabhola aphezulu uyawangqofa kanti nahamba phansi uyakwazi ukuwasebenzisa. UnguNombolo 9 woqobo,” kusho uManyama.
“Ngibona ukuthi unsangayisiza futhi iKaizer Chiefs ngoba iyamdinga kakhulu umgadli ofana naye phambili.
“Uma ubheka kahle, uzobona ukuthi ubuyele enkundleni kwiTS Galaxy wafika washaya amagoli amqoka kakhulu.
Amagoli akhe asize iTS Galaxy ukuthi iqede endaweni yesine kwiDStv Premiership okukuqala emlandweni wayo.”
ULebogang Manyama wayedlala noSamir Norkovic kwiKaizer Chiefs ngaphansi komqeqeshi u-Enrst Middendorp.
UNorkovic wahamba kwiKaizer Chiefs elimele njengoba wagcina ngokuthi aphelelwe yindawo kuleli qembu elavele lamlaxaza uma kuphela inkontileka.
Wasayinwa yiRoyal AM angahlanga kuyona isikhathi esitheni, wakhonjwa indlela ngoba kuthiwa akalapheki.
Esuka lapho uke wazama kwiCity kodwa nakhona akangasayinwa ngaphambi kokuthi aphelele kwiGalaxy.
UManyama ubona iChiefs kumele ibuyise yena njengoba ishoda nje phambili ngoba uvele useyasazi isimo sakhona.
Amakhosi asemkhankasweni wokuqinisa iqembu njengoba efuna ukugwema ukuqeda iminyaka eyishumo ngaphandle kwendebe.
OLUNYE UDABA: I-Orlando Pirates ‘iyolanda amandla’ eSpain, inemidlalo emqoka
Njengoba kulindeleke kufike uNasreddine Nabi njengomqeqeshi, uyakwazi ukusebenzisa abagadli abafana noNurkovic.
