UHugo Broos ‘nesiphrofetho’ esihle ngoNabi kwiChiefs
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos ukholwa wukuthi iKaizer Chiefs yenze isinqumo esiphusile ngokuqoka uNasreddine Nabi.
Lo mqeqeshi onobuzwe baseBelgium naseTunisia, ngokusho kukaBroos, unamandla okubuyisela iChiefs esimweni sayo sakudala.
Ekhuluma nabezindaba ngemuva kokumemezela iqembu lakhe lakamuva leBafana elizodlala kweyokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ka-2025, uHugo Broos uveze imicabango yakhe ngoNabi.
Uveze ukuthi useke wahlangana nomqeqeshi omusha weChiefs ofike eNaturena emasontweni ambalwa edlule.
Ngesizini edlule uBroos ubegxeka ukwehlelwaa kweChiefs yizinga.
Nokho ngemuva kwengxoxo yakhe noNabi, usekholwa wukuthi iChiefs inomqeqeshi onohlelo oluphusile lokuguqula izinto.
“Ngesikhathi ngibuya eBelgium, bengingazi ukuthi uhlala ebhilidini elilodwa nami,” kusho uBroos.
“Omunye wabasebenzi beKaizer Chiefs weza kimi wathi, ‘Mqeqeshi, umqeqeshi wethu ufuna ukukhuluma nawe.
“Ngakho, ngibe nengxoxo naye siphuza ikhofi.”
UBroos uchaze uNabi njengomqeqeshi omuhle kakhulu futhi onomqondo wase-Europe.
“Umqondo wakhe ungowase-Europe. Uyazi ukuthi ufunani, futhi uzimisele ngokukuthola akufunayo,” kuchaza uBroos.
Ubalule ukuthi kungase kube lula kuNabi ukusebenza kwiChiefs ngenxa yokuthi ungumuntu ozikhulumelayo.
“Akulula ukuqeqesha iChiefs, kodwa uNabi ubonakala enekhono lokufuna lokho akudingayo ukuze aphumelele,” kwengeza uBroos.
Ngesikhathi efika eNingizimu Afrika eminyakeni emithathu edlule, uBroos ufake abadlali abaningi beChiefs eqenjini lakhe.
Nokho ngesikhathi iChiefs idonsa kanzima, sehlile isibalo sabadlali bayo eqenjini lesizwe.
UBroos ugcizelele ukubaluleka kweKaizer Chiefs eqinile ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Akujwayelekile ukuthi iqembu elifana neChiefs libe sendaweni yesikhombisa noma yesishiyagalombili kwiligi.
“Ayilungile ebholeni laseNingizimu Afrika,” kuchaza lo mqeqeshi ozikhulumelayo.
Uzwakalise ukuthi unethemba lokuthi iChiefs izobuyela esicongweni ngesizini ezayo.
“Ngiyethemba ukuthi iChiefs izophinde ibe phakathi kwamaqembu aphezulu, iqhudelana neSundowns, Pirates, SuperSport neStellenbosch FC,” kusho uBroos.
Ukholwa ukuthi ukuba namaqembu amaningi alwela isicoco seligi kungaba yigxathu elibalulekile ebholeni laseNingizimu Afrika.
“Kungaba yintuthuko enkulu esikhundleni sokubusa kweqembu elilodwa, njengoba sesibonile eminyakeni emihlanu edlule,” kuphetha uBroos.