
UJose Riveiro uveza angasoze akulibala ngePirates
UMqeqeshi, uJose Riveiro useveze okuzoshintsha ngempilo yakhe kulandela isinqumo sakhe sokushiya i-Orlando Pirates.
Lo mqeqeshi waseSpain uzozishiya lezi ziqhwaga zaseSoweto uma kuphela inkontileka yakhe ngoJuni.
UJose Riveiro usezakhele igama ebholeni lakuleli futhi usephenduke intandokazi hhayi nje kubalandeli be-Orlando Pirates kuphela.
Kumanje lo mqeqeshi uhlonishwa ngabalandeli bebhola ezweni lonke okufakazelwa ukuvotelwa kwakhe kabili ngabalandeli ukuthi aqeqeshe iqembu leCarling XI.
NgoLwesine olwedlule, i-Orlando Pirates ikuqinisekisile ukuthi uJose Riveiro uzolishiya leli qembu ekupheleni kwesizini.
Lo mqeqeshi oneminyaka engu-49 wenze kahle selokhu ajoyina amaBhakabhaka ngo-2022, njengoba kumanje esenqobe izindebe ezinhlanu.
Uphinde walala isibili ngemuva kweMamelodi Sundowns kwiBetway Premiership amasizini amabili elandelana.
Kule sizini usekhona embangweni wesicoco seligi, eseNedbank Cup neseCaf Champions League.
Usefake iPirates kowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup nakwiChampions League.
Ekhuluma ngemuva kokudlala ngokulingana ngo 0-0 neMC Alger e-Orlando Stadium ngoLwesithathu, uRiveiro uvumile ukuthi impilo yakhe ngeke iphinde ifane.
“Impilo yami ayisoze yafana ngemuva kokuba lapha njengomqeqeshi wePirates.
“Yini enye enginganitshela yona? Kuwushintsho olukhulu empilweni yami,” kusho uRiveiro.
“Angikhulumi ngebhola nje kuphela. Angikhulumi ngemidlalo nje kuphela.
“Kodwa ngikhuluma ngazo zonke ezinye izinto abantu abazishoyo kimi. Kuwumuzwa omnandi.”
Selokhu kwaqinisekiswa ukuhamba kwakhe, uRiveiro unconywe yonke indawo lapho ehamba khona nabantu bembonga ngeqhaza lakhe ebholeni lakuleli.
Uphinde wancoma abalandeli bePirates ngokumkhombisa uthando ngesikhathi asihlale kuleli qembu.
“Uma sikhuluma ngabalandeli, hhayi ngani (abezindaba), bebehlale bekhombisa uthando futhi benomusa kimi.
“Kodwa njengoba ngike ngasho phambilini, ukuthi noma ngabe ngiyaphi ukusuka la, impilo yami ayisoze yafana ngemuva kokuba ngumqeqeshi wePirates.
“Lokhu kungenxa yokuthi lena akuyona ikilabhu nje. Yikilabhu ekhetheke kakhulu,” kuphawula uRiveiro.
UJose Riveiro usezogxila ekuholeni i-Orlando Pirates ayoyifaka kowamanqamu kwiNedbank Cup ngeSonto.
IPirates zobhekana neMarumo Gallants e-Orlando Stadium emdlalweni ozoqala ngo-3 ntambama.
