
UJabu Mahlangu ushiya unkosikazi ‘ngekhadi elibomvu’
Inkakha yakuleli, uJabu Mahlangu usezinhlelweni zokushaya umkakhe weminyaka uNomxolisi Songame ngekhadi elibomvu.
Lowo owayeyisihlabani seKaizer Chiefs, owaduma ngelikaJabu Pule, noSongame bese beshade iminyaka engu-21.
Imithombo esondelene nalezi zithandani ikuqinisekisile ukuthi sebeqale uhlelo lokwehlukanisa.
UJabu Mahlangu ulahlekelwe yithemba ngomshado wakhe ngenyanga edlule ngemuva kweminyaka emine behlala ngokwehlukana nomkakhe.
Kusukela ngo-2020, kubikwa ukuthi bese belala emakamelweni ahlukene ekhaya labo eliseBrakpan.
Bebeqhubeka nokuhlala endlini eyodwa ngoba benethemba lokulungisa izinkinga zabo.
Nokho uJabu Mahlangu usenqume ukuthi ngeke kusalungiseka ngakho kumele bavele bahlukanise.
Usebikele umkakhe, umndeni wabo, nezingane ukuthi useyalele abameli bakhe ukuthi bafake isehlukaniso.
Ngokombiko weSunday World, uMahlangu uthe umshado usubhidlike ngendlela engasenakulungiseka.
Lesi sinqumo sishiye amadodakazi abo amabili nabasondelene nabo beshaqekile.
Ngonyaka odlule, bake babhekana nezinkinga zemali njengoba ibhange belisabisa ngokudla umuzi wabo.
Lokhu bekulandela ukuthi uMahlangu ehluleka wukuqhubeka nokuwukhokhela njengokufanelekile.
Imithombo ithi uSongame usesitholile isaziso esisemthethweni esivela ethimbeni labameli bakaMahlangu ngesehlukaniso.
Yize engazange abe nemininingwane egcwele, uSongame ukuqinisekisile ukuthi abasekho ndawonye.
Omunye ongaphakathi uveze ukuthi bobabili uMahlangu noSongame bakwamukele ukuthi umshado wabo ngeke usalungiseka.
Abangane bebenethemba lokuthi bazozama ukwelulekwa bese beqhubeka nento yabo, kodwa lawo mathemba asephelile.
UMahlangu, nakuba edabukile, ngeke azame ukubuyisana.
Uvumile ukukhokhela unkosikazi wakhe ongasebenzi isondlo.
Laba bobabili banqume ukudayisa umuzi wabo bahlukanise imali.
Bazophinde bahlukanise izimpahla zabo ngendlela efanele.
