
Uhlolwa elaphesheya oweChiefs osemncane
IKaizer Chiefs ingase ilahlekelwe omunye wabadlali bayo abasebancane kodwa abathembisayo.
Kuvela ukuthi kunamaqembu ase-Europe abheke ukusayina uSifiso Timba oneminyaka engu-19.
Njengamanje uTimba uhlolwa yiqembu laseBelgium iRWD Molenbeek, ngenhloso yokumsayina uma leneliseka ngaye.
“Uhambe ngoLwesine wajoyina ikhempu yabo yokuziqeqesha yamaphakathi nesizini eTurkey,” kusho imenenja kaTimba, uSteve Kapeluschnik kwiSoccer Laduuma.
“Leli yithuba elihle lokuthi azibonakalise futhi avule nendlela yokuthuthela e-Europe.
“Lokhu kuhle kuye, ikilabhu, nezwe,” kwengeza uKapeluschnik.
UTimba ubezilolonga neqembu elikhulu kwiChiefs ngaphambi kokulibangisa e-Europe.
IChiefs kuthiwa ilindele lukhulu kuye futhi ibizimisele ukumnyusela eqenjini elikhulu maduze.
Leli qembu livele linenkinga yomdlali wasemuva kwesokudla njengoba oDillan Solomons noReeve Frosler bengagculisi.
Nokho njengoba uTimba eseheha amaqembu ase-Europe, iChiefs kungase kudingeke icabange kabusha ngezinhlelo zayo.
Lokhu kuhlolwa kwakhe yiqembu laseBelgium kuyithuba elikhulu kulo mdlali osemncane, nelingamvulela amasango phesheya.
