UCardoso uhlonza okumqhathe nenduku yeRaja
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso useveze imicabango yakhe ngemuva kokuhlulwa okokuqala kusukela ethathe lo msebenzi.
AmaBrazilians ahlulwe ngo 1-0 yiRaja Casablanca emdlalweni kaGroup B kwiCaf Champions League ngoMgqibelo ebusuku.
Ukuhlulwa kuqede umgqogqo weSundowns wokunqoba imidlalo emine kulandelana.
Lokhu kuhlanganisa nokuwina kukaCardoso umdlalo wakhe wokuqala bedlala neRaja ngoDisemba.
Kusukela lapho, bahlule iStellenbosch, AmaZulu, neRichards Bay kwiBetway Premiership.
UCardoso uvume indlela iRaja ebacindezele ngayo, athi yenze bangakwazi ukuhlasela ngendlela abafuna noma abajwayele ngayo.
Uveze ukuthi nokudedela igoli ngaphambi kokuthi kuyiwe ekhefini kuphazamise umfutho wabo.
“Bekuwumdlalo onzima. Sikuthole kunzima ukuthola izikhala zokuhlasela.
“Ukudedela igoli ngaphambi kwekhefu kwenze kwaba nzima ukuzihlela kabusha,” kusho uCardoso.
Yize beyisidlala ingasaphelele, iSundowns ilawule isiwombe sesibili kodwa yahlulwa amathuba amqoka.
UCardoso ugcizelele ukubaluleka kokuzihlela kabusha emdlalweni wabo olandelayo neSC Maniema Union yaseDR Congo.
“Sizolulama, silungise ngobuhlakani, futhi sigxile ekutholeni iwini ukuze sisondele kulokho esikufunayo,” kwengeza yena.
Nokho kuzomele lokho akwenze ngaphandle kwabadlali abamqoka oBathusi noKhuliso Mudau bobabili abakhishwe ngamakhadi elibomvu ngoMgqibelo.