EzintshaKaizer Chiefs

Uhlalelwe yisinqumo esinzima uNabi kwiChiefs

UNasreddine Nabi, ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, usekugcizelele ephindelela ukuthi usakha kuleli qembu futhi udinga isineke sabalandeli. 

Yize seliqala ukubonakala iqembu afuna ukudlala ngalo lo mqeqeshi, nendlela afuna kudlalwe ngayo, kodwa kuyacaca ukuthi kusekude phambili. 

IChiefs ayikawubambi umgqigqo njengoba isafike idlale ngandlela ethembisayo namuhla, ngakusasa ivele idlale inhlakanhlaka.

Indawo osekucacile ukuthi idinga ukuqiniswa kwiChiefs yiphambili kubagadli njengoba ibuthuntu nje, ihlulwa amathuba.

Kodwa nasemuva nakhona akucaci kahle njengoba isangenelwe amagoli kuyo yonke imidlalo eyidlalile. 

Uma iqembu lingenelwa amagoli, ishwa wukuthi amehlo agxila kunozinti kakhulu futhi nakwiChiefs kunjalo.

Lokhu kuze kwaphoqa uNabi ukuthi ashintshe, ayeke ukusebenzisa uFiacri Ntwari, abuyele kuBrandon Petersen. 

Nakhu-ke kodwa manje naye uPetersen uselimele futhi ngeke abe khona uma seyibhekene neTS Galaxy ngoMsombuluko ntambama. 

Lokhu kushiya uNabi nesinqumo esikhulu ngazomsebenzisa konozinti abasele. 

Ngabe uzobuyela kuNtwari, obevele kunguye oba sebhentshini ngesikhathi kudlala uPetersen?

Noma uzozama uBruce Bvuma abengakamniki ithuba kule sizini? 

Noma avele aqunge isibindi, anike umfana osemncane, uBontle Molefe ithuba lokuzibonakalisa? 

Cishe le mibuzo ike idlule engqondweni kaNabi njengoba elungiselela lo mdlalo okucacile umqoka kwiChiefs. 

Phela akumele ivume ukwehlulwa okwesibili kulandelana, idunge ubumnandi bukaKhisimuzi kubalandeli bayo.