AmaZuluEzintsha

Uhla lwabadlali abafunwa uZwane kwiChiefs

Sekuvele isicelo sika-Arthur Zwane, ongumqeqeshi waMaZulu FC ngokubambisana noVusimuzi Vilakazi okuthiwa usifake kubaphathi beqembu ngabadlali. 

Lo mqeqeshi uqashwe ngenyanga edlule kulandela ukukhululwa kukaPablo Martin kanti umsebenzi obahlalele mkhulu. 

Bafice Usuthu lusemsileni kwilogi yeBetway Premiership, kanti kumele balwenyule qede baluse endaweni ehloniphekile kwilogi. 

Yingakho ke uZwane ethi usecele ukuthi abolekwe abadlali abathile abesebenza nabo kwiKaizer Chiefs phambilini. 

Ubalule abathathu, oNkosingiphile Ngcobo, Happy Mashiane, noSibongiseni “Ox” Mthethwa njengabadlali ababona bengaba wusizo kuye.

Bobathathu laba abadlaliswa nalo kwiChiefs. UNgcobo noMashiane bona okungenani sebeyafika nasebhentshini, banikwe nemizuzu ethile yokudlala.

UMthethwa yena usecishe walibaleka njengoba kubukeka umqeqeshi omusha kwiChiefs, uNasreddine Nabi engamuzwa nhlobo.

Ngokusho komthombo osondelene nalo mqeqeshi, uZwane ukholwa ukuthi laba badlali bangamsiza kakhulu emsebenzini wakhe omusha. 

“Kunabadlali aseqalile ukuxoxa ngabo nabaphathi ukuthi abolekelwe bona kwiChiefs nakwamanye amaqembu,” kusho lo mthombo. 

“Laba badlali banyiwa yisikimu njengamanje kwiChiefs kanti yena uyabazi ukuthi engabasebenzisa kanjani.

“Uzokhumbula ke ukuthi uNkosingiphile Ngcobo noHappy Mashiane baphuma esandleni sakhe uZwane esesenkulisa yeChiefs.” 

Lesi sifiso sikaZwane kungenzeka nokho singafezeki ngokubona kwalo mthombo.

“Ngibona ukuthi kuzoba nzima kubaphathi baMaZulu ngoba abanabo ubudlelwano obuhle neKaizer Chiefs.

“Uzokhumbula ukuthi uSandile Zungu (umengameli waMaZulu) wakhuluma amagama angehli kahle ngeChiefs ngesikhathi bebanga uSiyethemba Sithebe.”  

Kuke kwavela ngaphambi kokuqala kwesizini ukuthi Usuthu belungelinye lamaqembu afisa ukubolekwa uMthethwa.